EzintshaOrlando Pirates

Selusezandleni zeCaf olwesikhalo sePirates ngeLupopo

Ngokombiko we-www.winwin.com, La makilabhu womabili kubikwa ukuthi afake izikhalo ngokusala kwawo esigabeni sokuhlunga kwiCaf Champions League.

IKenyan Police ikhala nge-Al-Hilal yaseSudan kanti iPirates iveze izinsolo ngeSt Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo.

Ngokwemibiko, iKenyan Police isoli i-Al-Hilal ngokusebenzisa abadlali bangaphandle abangabhalisiwe nokufanele. 

Lokhu kuwukwephula umthetho, futhi uma ithole inecala, leli qembu laseSudan lingakhishwa kulo mqhudelwano, kuqhubeke iKenyan Police.

I-Orlando Pirates yona kuthiwa ifake isikhalo ngomqeqeshi weLupopo, uGuy Bukassa Misakabo okuthiwa bekumele ngabe udonsa isigwebo sokumiswa imidlalo eyisithupha. 

Lesi sigwebo, nenhlawulo ka-$5 000 sakhishwa yisigungu esiqondisa ubugwegwe seCaf ngoSepthemba 22 kuwo lo nyaka.

Lesi sigweni sikaMisakabo sisukela ekuhlulekeni kwakhe ukuziphatha ngesikhathi somdlalo we-African Under 20 Cup of Nations phakathi kweNingizimu Afrika ne-DRC ngoMeyi 12. 

Ikomidi leCaf, iClub Competitions Committee kubikwa ukuthi izohlangana maduze ukuze ibuyekeze imizuliswano yokuqala yeChampions League neConfederation Cup.

Lizoqinisekisa ukuhlukaniswa kwamakilabhu adlulele phambili, futhi liqinisekise izinyathelo zokuqondiswa kokugwegwe ngokusekelwe emibikweni yonompempe nezingqapheli.

Ukuqhathwa kwesigaba samaqoqo kuyo yomibili le miqhudelwano kuzoba seGoli, eNingizimu Afrika, ngoMsombuluko, kaNovemba 3.

Lezi zikhalo kumele zixazululwe ngaphambi kokuthi kuqhatwhe amaqembu. Kulindeleke ukuthi izinqumo ngalamacala zikhishwe ngaphambi kokuphela kwempelasonto.