EzintshaMamelodi Sundowns

IMamelodi Sundowns ibophele eliqinile koweSiwelele – isiyashisa insimbi

IMamelodi Sundowns neSiwelele FC sebewaqinisekisile amaqembu azoqala umdlalo obalulekile weBetway Premiership eLucas Moripe Stadium.

KwiSundowns, asisekho isikhathi sokuqhuzuka. AMasandawana ubuyela emdlalweni ngemuva kwezinsuku ezintathu ebambane ngo 1-1 neKaizer Chiefs.

Futhi ingcindezi emjahweni wesicoco iyanda njalo ngosuku lomdlalo.

Ukunqoba ngoMgqibelo ebusuku kuzokwenza iSundowns ibe phambili ngamaphuzu ayisithupha kwi-Orlando Pirates.

Kodwa amaBhakabhaka azobe esasele nemidlalo emibili esandleni.

Lokho kusho ukuthi wonke amagoli, nawo wonke amaphutha anganquma ukuthi ubani ophakamisa indebe yeBetway Premiership.

Njengamanje iSundowns ihlezi esicongweni ngamaphuzu angu-65 ngemuva kwemidlalo engu-28.

Khonamanjalo, iSiwelele inezayo izinhloso. Njengamanje leli qembu lilwela ukungena kwiTop 8.

Isendaweni yesishiyagalolunye kwilogi ngamaphuzu angu-33 emidlalweni engu-27.

Ifomu yabo ngo-2026 empeleni ingcono — ihlulwe kanye kuphela emidlalweni yeligi engu-12.

Izindaba ezinhle kubalandeli besiSiwelele? Izembe seliqhelile kubo ngokusemthethweni.

Iqembu liphephile ngokwezibalo futhi lizophinde lidlale kwiBetway Premiership ngesizini ezayo.

Ibophele kanje iMamelodi Sundonws: Williams – Mudau, Modiba, Kekana, Ndamane, – Mokoena, Allende, Santos – Letlhaku, Matthews, Leoń.

Ebhentshini: Onyango, Johannes, Sales, Lunga, Ntsabeleng, Mkhulise, Zwane, Mdunyelwa, Rayners.

ISiwelele FC ibophele kanje: Goss – Mfolozi, Mobbie, Ndebele, Rapoo – Mokhuoane, Margeman, Moralo, Potsane – Jeza, Lungu.

Ebhentshini: Xulu, Baliti, Baloyi, Lekalakala, Letshedi, Maku, Mazibuko, Ngwato, Moloisane.

Njengoba umjaho wesicoco usubheke entajeni, futhi iPirates ila ezithendeni, lo mdlalo unengcindezi eyengeziwe kwiMamelodi Sundowns.