DStv PremiershipEzintsha

UMalesela uqinisekisa ukusayina ababekwiChiefs neBucs

Umqeqeshi weMarumo Gallants, uDan Malesela, usekuqinisekisile ukusayiniswa kukaXola Mlambo noKamohelo Mahlatsi. 

Bobabili bebengenaqembu njengoba uMlambo eshiye kwiTS Galaxy, kanti uMahlatsi yena uhlukane neChippa United ekupheleni kwesizini edlule.

Bobabili banekhono elihle kodwa babukeka benebhadi njengoba behluleka ukuhlala eqenjini elilodwa isikhathi eside. 

Ngaphambi kweGalaxy, uMlambo uke wadlala kwiGalaxy nakuMaZulu FC la ededelwe khona ngendlela engaqondakali.

Ngaphambi kwalokho, kwakwenzeke okufanayo kwi-Orlando Pirates lapho ayengomunye wezintandokazi zabalandeli. 

UMahlatsi uqale ukugqama kwiMoroka Swallows lapho ebengomunye wabadlali abenze kahle eminyakeni emithathu edlule. 

Wadonsa amehlo eKaizer Chiefs kodwa wahluleka wukungena eqenjini eliqala emidlalo eNaturena.

Lokhu kwenze ukuthi adedelwe esahlale isizini eyodwa kuleli qembu, wahlala izinyanga eziyisithupha engenaqembu. 

Ube esejoyina iChippa ngoJanuwari, kodwa nakhona akwangamhambela kahle njengoba ededeliwe ekupheleni kwesizini.

Kodwa uMalesela unethemba lokuthi uzozuza okungcono kakhulu ngesizini ezayo. 

“Sesibasayinisile. Sekusele nje ukuthi sibamemezele ngokusemthethweni,” kusho uMalesela ngokwe-iDiski Times.