
UMaart uvuma ‘ikhwalithi’ ethengwe yiChiefs kulokhu
- Sibongiseni GUMBI
UYusuf Maart useveze ukweneliseka kwakhe ngeqembu abanalo, nokunyuswa kwamasokisi kwiKaizer Chiefs kule sizini.
Lo mdlali wasesiswini oneminyaka engu-28, uveze imizwa yakhe ngemuva kokuqukula indebe yeCufe Cup ngempelasonto.
IChiefs ishaye iMarumo Gallants ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni wale ndebe obungempelasonto.
Phakathi kwabadlali abathengwe yiChiefs kule sizini kukhona noGaston Sirino ofike wenza umehluko obonakalayo ngokushesha.
Emidlalweni emithathu asayidlalile, uSirino useshaye igoli elilodwa, wakhela ozakwabo amabili kanti nguye obukeka ezoba yinjini yaleli qembu laseNaturena.
Lo mdlali oneminyaka engu-33 ukuvezile ukuthi ithalente lakhe lisekhona futhi akaphuphile neze.
Ujoyine iChiefs esuka kwiMamelodi Sundowns la abesehlale khona iminyaka eyisithupha, wanqoba inqwaba yezicoco.
Ungomunye wabadlali uMaart akuvezile ukuthi bafike nomehluko futhi bayilento iChiefs ebiyidinga.
“Ngicabanga ukuthi bakhona abadlali abakhuphule amasokisi kule sizini,” kusho uMaart kwi-iDiski Times.
“Ukukhuluma iqiniso nje, uSirino ngumdlali osezingeni eliphezulu, uyikhwalithi, ngeke umphuce lokho.
“Kunomehluko awenzayo eqenjini futhi lokho siyakujabulela siyiqembu, naye ngokwakhe ujabule.
“Ungumuntu wamancoko, kodwa zikhona izikhathi la asuke esesebenza engasenasikhathi sokuncokola namahlaya.”
Khonamanjalo, kubhekwe ngabomvu ukuthi ngabe uSirino uzobe eseluleme yini ngempelasonto njengoba iChiefs inomdlalo obalulekile.
Amakhosi azogadulisana neSuperSport United emdlalweni weCarling Knockout okuyindebe yokuqala leli qembu elingayisebenzisa ukuqeda indlala yeminyakanyaka.
