Bafana BafanaEzintsha

ULyle Foster uqede isomiso samagoli etakula iBurnley

Udaba ngu-Alfred Ngubane

ULyle Foster uthulise abebemgxeka ngegoli elisize iBurnly ithole iwini ebalulekile emkhankasweni wayo wePremier League – inqobe ngo 3-2 ihlula iWolves ngeSonto.

Bese kube amasonto ambalwa abenzima kulo mgadli waseNingizimu Afrika, olahlekelwe indawo kwiBurnley ngemuva kokwehlelwa umgqigqo. 

Ukudonsa kwakhe kanzima bekumlandele ngisho eqenjini lesizwe, lapho abalandeli begcine sebemngabaza ngemuva kokushweba amathuba alula bebheke neZimbabwe emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

Kepha ngeSonto, uLyle Foster ukhombise ukuqina nekhono lakhe. Usuke ebhentshini, wavalela phakathi igoli lesithathu leBurnley.

Kube yigoli elibalulekile elisuse iqembu lakhe endaweni ye-16, ngamaphuzu ayi-10 emidlalweni eyisishiyagalolunye.

“Nginomuzwa omangalisayo, ngizizwa ngijabule kakhulu, kodwa ngaphezu kwakho konke, ngijabulele iqembu kakhulu,” kusho lo mgadli owayedlala kwi-Orlando Pirates ngemuva komdlalo. 

“Ngicabanga ukuthi bekusifanele ukunqoba, ikakhulukazi ngemuva kokuhamnba phambili ngamagoli amabili nokuzikhandla esikukhombisile.

“Ngibusisekile namuhla ukuthola igoli lokunqoba. Kuwumuzwa omangalisayo futhi ngaphezu kwanoma yini enye, indlela engijabulele ngayo laba bafana ayichazeki.”

KuFoster, lokhu kungase kube uguquko abeludinga — igoli elizobuyisa ukuzethemba futhi likhumbuze abebemgabaza ngekhona lakhe. 

Lo mgadli uzothemba ukuthi uzophinde akwazi ukutakula ezakhe njengoba zinomdlalo onzima ngoMgqibelo la bezobhekana khona ne-Arsenal ezihola phambili kwilogi.