
Usuthu luhlomule ngomgadli ‘endalini’ yeSundowns
– Intatheli yeLisenethini
Njengoba inabadali abaningi ebibolekise ngabo futhi nakulokhu engenaso isikhala sabo, iMamelodi Sundowns seyivule ‘indali’, ifuna abazoboleka laba badlali.
Iqembu laseThekwini, AmaZulu FC, selibe ngelinye lawokuqala ukuhlomula kule ndali yaseChloorkop.
Kuvela ukuthi baningi abadlali abasalile ngesikhathi iSundowns iya ekhempini yokulungiselela isizini e-Austria ngempelasonto.
Kuthiwa laba badlali bazozanyelwa amaqembu abazobolekiswa kuwo ukuze bathole ukudlala ngesizini ezayo.
Manje iSportsWire ibika ukuthi omunye walaba badlali, umgadli odabuka eNigeria, u-Etiosa Ighodaro usebolekiswe kuMaZulu.
U-Ighodaro ubebolekiswe kwiSuperSport United ngesizini edlule, washaya amagoli amahlanu emidlalweni engu-34 kuyo yonke imiqhudelwano.
Ngaphambi kwalokho wayekade ebolekiswe kwiChippa United, lapho evalele khona amagoli angu-10 eligi ngesizini ka-2022/23.
U-Ighodaro, oneminyaka engu-23, uzoqinisa Usuthu phambili njengoba ludedele uVoctor Letsoalo no-Augustine Kwem ekupheleni kwesizini edlule.
Leli qembu lalimala kakhulu ngesizini edlule ngesikhathi lishonelwa umgadli uBongi Ntuli obelitakula sekunzima.
OLUNYE UDABA: UBarns uphawula ngokumhehe kwiStellies
Isivumelwano sokubolekwa u-Ighodaro siphothulwe ngoMsombuluko ekuseni, ngaphambi kancane kokuthi umengameli weqembu uSandile Zungu abe nomhlangano nabezindaba.
