
ULucas Ribeiro usephenduke inyama – ufunwa ngapha nangapha
Umjaho wokusayina uLucas Ribeiro uya ngokushuba njengoba lo mdlali ezophelelwa yinkontileka bese etholakala mahhala.
Njengoba inkontileka yakhe kwiCultural y Deportiva Leonesa izophela ekupheleni kukaJuni, uRibeiro usephenduke inyama emaqenjini amaningi.
Kubikwa ukuthi kunentshisekelo ngaye e-Europe, eNorth Africa kanti kuneziphakamiso zokuthi amaqembu aseNingizimu Afrika nawo angawungenela umjaho wokumsayina.
Nokho iqembu laseSpain iCD Castellón njengamanje yilo elihamba phambili kulo mjaho.
Kuthiwa lizimisele ngokuthola lo mdlali njengoba lifuna ukuqinisa phambili ukulungiselela isizini ezayo.
Le kilabhu kuthiwa imthanda ngoba uyakwazi ukudlala uNombolo 10 noma abe ngumgadli sebili.
Kodwa-ke, intshisekelo yayo ibhekene nesithiyo esikhulu njengoba kukhona neRCD Mallorca.
Leli qembu leLa Liga lisiqaphe ngeso lokhozi isimo sikaLucas Ribeiro, kanti ithuba lokudlala kule ligi ephezulu lingase libe nomthelela omkhulu kwisinqumo salo mdlali.
Intshisekelo ngaye ayopheleli eSpain. Osondonzima baseNyakatho Afrika i-Espérance Sportive de Tunis, iRaja Casablanca, iWydad Athletic Club ne-Al Ittihad Tripoli nabo kubikwa ukuthi bazibhekile.
Kulezi zinkunzi, yi-Al Ittihad Tripoli enethuba elingcono njengoba engaphinde asebenze noRulani Mokwena uma egcina kuyo.
ENingizimu Afrika, kunxenwa iKaizer Chiefs ukuba nayo ingene kulo mbango wokusayina uLucas Ribeiro.
Njengoba ezotholakala mahhala, uRibeiro uzithola esesimweni esihle sokuziqokela lapho ezodlala khona.
