AmaZuluEzintsha

Usuthu luzoqasha owakuleli ‘obazi kangcono abadlali’

Njengoba AmaZulu FC esaqhubeka nokufuna umqeqeshi, futhi emataniswa nabaqeqeshi abehlukene, umengameli wawo usephawulile. 

USandile Zungu ugcizelela ukuthi ngaphezu komqeqeshi, kumele abadlali nabo bakhombise ukuzinikela nokulwela iqembu. 

Sekuke kwanamahlebezi okuthi leli qembu likhuluma no-Ernst Middendorp noBenni McCarthy phakathi kwabanye. 

Kodwa uZungu, ebhala engosini yakhe kwiLanga, uthi bazoyiqedela kuleli sonto eyomqeqeshi kanti kuzoba owakuleli. 

“Sizomqasha kuleli sonto umqeqeshi,” kusho uZungu, okhulule uPablo Martin ngesonto elidlule. 

Lo mqeqeshi waseSpain ukhululwe kulandela ukuyiqala ngegiya elithusayo imidlalo yeBetway Premiership, ehlulwa kuyo yomithathu eyokuqala. 

UZungu uthi mqeqeshi abazomqasha uzobabuyisela emgqeni, aqinisekise uzinzo eqenjini. 

Uma eqashwe kuleli sonto, lowo mqeqeshi uzoba nethuba lokusebenza neqembu okungenani isikhathi esicela emasontweni amabili. 

Usuthu luyoze lubuyele enkundleni ngomdlalo weCarling Knockout Cup, imidlalo yakhona ezoqhathwa ngoLwesibili. 

Imidlalo yokuqala yalo mqhudelwano ibhekwe ukuba ngempelasonto ka-Othoba 19/20, ngemuva kwewindi lemidlalo yeFifa.