
IChippa neDowns, iChiefs neStellies kuqala eyeligi
U-Agasti 9 wusuku oselubhekwe kakhulu eNingizimu Afrika yonkana njengoba kulindeleke ukuthi kuqubuke umsindo ezinkundleni ezehlukene kuqala isizini yeBetway Premiership ka-2025/2026.
Ngalolu suku – okuyiholidi elisemthethweni kuleli – kuzodlalwa imidlalo eyisithupha ezweni lonkana kusukela ngo-3 ntambama kuya ku-8 ebusuku.
YiBuffalo City Stadium okungenzeka ukuthi inakwe kakhulu njengoba kulapho iChippa United izoba yiqembu lokuqala ukuqunga isibindi izame isiqalo esihle ibhekene nompetha beligi iMamelodi Sundowns.
IChippa yenze izinguquko ezinkulu njengoba ikhulule abadlali abangaphezu kuka-15 futhi yaqasha umqeqeshi omusha osemncane, uSinethemba Badela ukuthi ahole iqembu.
ISundowns – ebizidlela amahlanga kumasizini ayisishiyagalombili edlule kwiligi – izoba yisivivinyo esikhulu kwiChilli Boys.
AmaBrazillians azobe efuna ukukhombisa ukuthi aseyizingqwele zisuka nje, futhi abonise abawangabazayo ukuthi isenamandla nakulokhu.
E-Moses Mabhida Stadium, eThekwini inkundla kulindeleke ihlobe ngemibala eluhlaza nomhlophe, njengoba AmaZulu FC ezobhekana khona ne-Orbit College esanda kunyuselwa esigabeni esikhulu.
IPirates kuyomele izibambe ziqine kwazise iSekhukhune inakho ukuvele ithele umhlabathi ekudleni kwayo
Leli qembu elisha kwiPremiershi, elisanda kuphuma kwiMotsepe Foundation Championship, lizobe libheke isiqalo esihle esigabeni esiphezulu sebhola elikhokhelayo.
I-Orbit izobe inethemba lokusheshe ikhombise ukuthi ayizele ukuzokwengeza isibalo samaqembu kwiPremiership kusukela ngosuku lokuqala.
Khonamanjalo, ePolokwane, kuzobe kubangwa ilungelo lokubusa kulesi sifundazwe ngaphezu kwamaphuzu amathathu uma iPolokwane City ingqubuzana neMagesi FC e-Old Peter Mokaba Stadium.
Lo mdlalo, owaziwa ngeLimpopo Derby, uhlezi uba ngumbango oshisayo, futhi uthembisa ukukhombisa ukuthi yiliphi iqembu elizobusa kulesi sifundazwe.
Phansi ogwini olusenyakatho KwaZulu-Natal, iRichards Bay FC, ezobe ikhuthazwe wukubuyela enkundleni yayo ngemuva kweminyaka emibili, izokwamukela iMarumo Gallants eMhlathuze Sports Complex.
Womabili la maqembu, aziwa ngobuchule bawo bokuhlasela, kanti kulindeleke umdlalo ovulekile kuwo.
Uma ilanga seliyoshona, amathunzi esibekela iSoweto, amehlo azojikela e-Orlando Stadium.
Kulapho i-Orlando Pirates, okulindeleke ihehe izinkulungwane zabalandeli, izokwamukela iSekhukhune United.
Umdlalo omkhulu wosuku – mhlawumbe nempelasonto yonke –Â ngokungangabazeki uzoba se-Athlone Stadium
AmaBhakabhaka, alambele isicoco seligi, azobe azi ukuthi isiqalo esiqinile sibalulekile uma kuwukuthi azokwazi ukuyiphazamisa iSundowns okwamngampela kulokhu.
Kodwa kuyomele izibambe ziqine kwazise iSekhukhune inakho ukuvele ithele umhlabathi ekudleni kwayo, iyigingqe kungazelele muntu.
Umdlalo wokuvala usuku uzoba phakathi kwelinye lamaqembu amasha kulesi sigaba, iSiwele FC ezosingatha iGolden Arrows eLucas Moripe Stadium.Â
NgeSonto kuzosa ngohlobo oluhlukile. EMpumalanga, iTS Galaxy FC, izoqala umkhankaso wayo neDurban City eMbombela Stadium.
Leli qembu laseThekwini, eliholwa ngumakadebona womqeqeshi uGavin Hunt, lizobe libheke ukugwema ukubhabhadiswa ngomlilo.
Kodwa umdlalo omkhulu wosuku – mhlawumbe nempelasonto yonke – ngokungangabazeki uzoba se-Athlone Stadium.
Kulapho iStellenbosch FC, ikilabhu ekhula ngamandla, izozilungiselela ukufika kweGlamour Boys, iKaizer Chiefs.
Abalandeli baMakhosi abathembekile, abayobe behlobe ngemibala yeqembu labo, kulindeleke ukuthi batheleke ngobuningi e-Athlone Stadium ukuzofaka umfutho eqenjini labo.
WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO
