EzintshaKaizer Chiefs

Lilepo: Yilokhu esikudingayo kwiChiefs ukulwela izicoco

Amakhosi ahlulwe kwemine, anqoba owodwa emidlalweni yokuzizwa amandla ngesikhathi esekhempini.

Anqobe okokuqala nokokugcina ngoLwesibili ebusuku eshaya iPEC Zwolle ngo 1-0.

Le wini iqhamuke negoli lomgadli oneminyaka engu-19 uNaledi Hlongwane osanda kukhushulelwa eqenjini elikhulu.

Ekhuluma nesizindalwazi seqembu, uGlody Lilepo, oneminyaka engu-27 ubudala futhi odabuka eDR Congo ugcizelele ukubaluleka kwale midlalo namalungiselelo esizini.

Uthi uma iqembu lifuna ukulwela izindebe, kumele ibe nohlelo oluqinile lokulungiselela isizini.

“Siziqeqesha kanzima ukuze silungele isizini ezayo,” kusho uLilepo. Wengeze ngokuthi nokuziphatha kahle kubalulekile.

“Ngaphezu kokuziqeqesha kanzima, ibhola lifuna nokuziphatha kahle, okuhlanganisa nokulandela ngendlela amacebo okudlala. Uma wenza lokho, uzophumelela.”

Yize ejoyine iKaizer Chiefs maphakathi nesizini edlule, uGlody Lilepo ushaye amagoli ayisithupha emidlalweni engu-19. 

Futhi kulokhu – njengoba ezoyiqala phansi isizini futhi esejwayelene kangcono nozakwabo – usegxile ekusizeni iqembu lifinyelele ezingeni eliphezulu.

“Uma ufuna ukulwela izindebe, iqembu lidinga ukuba nohlelo lokulungiselela isizini oluhle. Kulula kanjalo nje. Ayikho enye indlela,” kwengeza lo mdlali. 

“Sidlala kahle njengeqembu, okuhlanganisa nabadlali abasha. Ngizizwa nginethemba ngempela uma ngibheka phambili.”

IChiefs izosonga uhlelo lwayo lokulungiselela isizini ngokubhekana ne-Asante Kotoko kwiToyota Cup ngoJulayi 26 eMoses Mabhida Stadium eThekwini.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO