Ezintsha

ULebo Maboe uhalelwa amane, kukhona nezaseSoweto kuwo

Lokhu kulandela ukushiya kwakhe ngokusemthethweni kompetha beligi ngempelasonto edlule.

ULebohang Maboe, oneminyaka engu-30 ubudala, uchithe ingxenye yesibili yesizini edlule ebolekiswe kwiSuperSport United, lapho ebe nomthelela oqinile khona. 

Udlale imidlalo engu-16, washaya igoli elilodwa, wabe esakhela ozakwabo amabili.

Ube nesandla ekusizer aMatsatsantsa ukuthi agweme ukudliwa yizembe ngesikhathi ebesinzima kuwo kunokungaqinisekiswa kwekusasa.

Kodwa-ke, njengoba iSuperSport isanda kudayiselwa iSiwele FC ngenxa yezinkinga zemali, uLebohang Maboe usefuna ikhaya elisha.

Futhi, ngokubika kweFAR Post, akawaswele amaqembu afuna azodlala kuwo kusukela ngesizini ezayo.

Phakathi kwamaembu okuthiwa ayamfuna kukhona neDurban City FC esanda kukhushulelwa kwiPremiership, okuyiqembu okufanele ukuba lisenhliziyweni kuMaboe. 

Lo mdlali wasesiswini wazakhela igama kulo leli qembu lisabizwa ngeMaritzburg United ngaphambi kokudlulela kuSundowns ngo-2018. 

Manje usengaphinde ahlangane nongungumqeqeshi wakhe kwiSuperSport, uGavin Hunt, okunguye ozocija iDurban City kule sizini.

I-Orlando Pirates, iKaizer Chiefs, neSekhukhune United nabo kukholakala ukuthi bazimisele ngaye. 

IChiefs isemakethe ifuna abadlali eziqinisa ngabo esiswini kulandela ukukhululwa kuka-Edson Castillo nokudayiswa kukaYusuf Maart eqenjini lase-Austria. 

Njengoba izodlala kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo, amava kaLebohang Maboe angaba wusizo olubalulekile eqenjini likaNasreddine Nabi.

KwiPirates, umqeqeshi omusha u-Abdeslam Ouaddou usabumba kabusha iqembu lakhe.

Ikhono likaMaboe lokudlala izindawo eziningi — okuhlanganisa ophikweni, isesiswini ehlasela, umgadli ophakathi nendawo, ngisho nangemuva kwesokudla — kumenza abe ngumdlali ohehayo.

Ngesikhathi ekwiSundowns, uMaboe unqobe izindebe ezinkulu eziyisishiyagalolunye, okuhlanganisa nezicoco ezinhlanu zeligi.

Ushaye amagoli angu-20, wakhela ozakwabo angu-23 emidlalweni engu-183 kulezi zinkunzi zasePitori. 

Njengamanje ungomunywe wabadlali abanamava abatholakala mahhala njengoba benegnaqembu nje.\

Isinqumo ngekusasa lakhe silindeleke sicace emasontweni ambalwa ezayo.