EzintshaMamelodi Sundowns

Ukushisa kukwiSundowns – sezibekwe elangeni kowayo neSekhukhune

Ukunqoba kweZimnyama kwiKaizer Chiefs kuzibuyisele phezulu kwilogi, kanti ukushaya amagoli amathathu kuyisebenzele kakhulu.

Lokhu kusho ukuthi iSundonws nayo sekumele inqobe ngamagoli afanayo ukuze iphindele eqhulwini kwilogi yeBetway Premiership.

Nokho kuzomele isebenze kanzima ngampela ukuze kwenzeke lokho njengoba neSekhukhune izibona isenalo ithuba embangweni wesicoco.

IBabina Noko kumanje isendaweni yesithathu kanti isele ngamaphuzu amathathu kwiMamelodi Sundowns esendaweni yesibili kumanje.

Isele ngayisishiyagalolunye kwiPirates. Uma inganqoba kwiSundowns, ingazibeka ethubeni elihle lokuthi noma ingasitholi isicoco, iqede endaweni yesibili.

Ivele ke izibekele ukuthi iqede emaqenjini amathathu aphezulu kwilogi, bese inqoba neNedbank Cup. 

Yingakho-ke lo mdlalo wangeSonto ntambama eLoftus Stadium sewuhehe amehlo amaningi ngoba umphumela wawo uzocacisa kuningi.

  • Ukunqoba kweMamelodi Sundonws: Uma kunqoba leli qembu likaMiguel Cardoso kuzolenza lilingane nePirates ngamaphuzu.
  • Ukudlala ngokulingana: Kuzosiza iPirates ukuthi izihole phambili ngamaphuzu amabili
  • Ukunqoba kweSekhukhune: Kuzoyisondeza emaqenjini aphezulu, kusize iPirates ithole ukuphefumula phezulu.
    Kuzonyusa nengcindezi kumqeqeshi weSundowns uMiguel Cardoso ovele akanuki kahle kubalandeli baleli qembu.

Womabili amaqembu aselukhiphile uhlu lwabadlali aqala ngabo lo mdlalo osubhekwe ngabomvu.

  • ISundowns ibophele kanje (3-4-3): Williams – Ndamane, Kekana, Mokoena – Mudau, Allenge, Adams, Modiba – Mathews, Sales, Leon
  • Ebhentshini: Pieterse, Johannes, Basadien, Zwane, Ntsabeleng, Santos, Saleng, Rayners, Mothiba