
Ukuhlulwa kwePirates kube nzima kunakho konke kuRiveiro
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, usale nemizwa exubile ngemuva kokuphuma kweqembu lakhe kwiCaf Champions League.
Lezi ziqhwaga zaseSoweto zihlulwe ngo 3-2 yiPyramids FC eJune 30 Stadium, eCairo ngoLwesihlanu ebusuku.
Umlenze wokuqala wawuphele ngo 0-0 e-Orlando. I-Orlando Pirates ibidinga ukudlala ngokulingana kodwa kube namagoli ukuze idlulele phambili kodwa yahluleka.
UJose Riveiro uncome imizamo yabadlali bakhe ngemuva kwalokhu kuhlulwa okubashiye bedangele.
“Sihalalisela iPyramids. Ngihalalisela abadlali bami ngokudlala kahle kwabo kule sizini,” kusho uRiveiro.
I-Orlando Pirates beyingakaze ihlulwe kulo mqhudelwano ngaphambi kwalo mdlalo wangoLwesihlanu ebusuku, kanti uJose Riveiro uvumile ukuthi kube kubi kakhulu.
“Ngokweqiniso senze kahle kakhulu. Siphumile kulo mqhudelwano namuhla ngemuva kokuhlulwa umdlalo wethu wokuqala kuwo wonke umqhudelwano.
“Kunzima ukukwamukela, ukukwetshisa okwamanje. Sidinga isikhathi ngoba ngicabanga ukuthi kube wumphumela omubi,” kuvuma uRiveiro.
URelebohile Mofokeng ubeke iPirates phambili ngeshodi elihe alidonse eseduze nepali ngomzuzu ka-41.
Kodwa uFiston Mayele ubuyisele iPyramids emdlalweni ngokuthola elokulinganisa ngaphambi kancane nje kwekhefu.
Igoli elihle likaMohau Nkota libeke iPirates phambili ngo 2-1 ekuqaleni kwesiwombe sesibili.
Nakulokhu, iPyramids iphendule ngokushesha, uRamadan Sobhi wayibuyisela emdlalweni.
Kuthe sekusele imizuzu eyisithupha ukuthi umdlalo uphele, uMayele uphinde washaya igoli elithumele iiPyramids kowamanqamu.
UJose Riveiro uthe okwamanje akakafuni ukucabanga ngokuthi konakale kuphi.
“Sidlale umdlalo omuhle,” kusho yena. “Kodwa asikwazanga ukulawula umdlalo ngemuva kokuthi sishaye igoli.”
UJose Riveiro uchaze ukuthi i-Orlando Pirates bekumele ilawule umdlalo isikhathi eside ngemuva kokushaya igoi ukuze inyuse ingcindezi kwiPyramids.
“Isiqephu esisodwa sebhola elibekwe phansi siguqule yonke into,” kwengeza yena.
Naphezu kwalokhu kuhlulwa, uRiveiro uyaziqhenya ngeqembu lakhe.
“Imizwa enginayo njengamanje iyingxube yokuziqhenya nokudabuka,” kuqhuba lo mqeqeshi odabuka eSpain.
“Siphumile, kodwa siyaziqhenya futhi asizenyezi ngendlela esenze ngayo.”
