EzintshaKaizer Chiefs

Kubuye uShabalala, uVelebayi udalula ubuthakathaka kwiChiefs

Umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs u-Asanele Velebayi uvumile ukuthi isiqalo sakhe eNaturena asikabi yilento ayisifayo. 

Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala ujoyine iChiefs esuka kwiCape Town Spurs ngo-Agasti.

Kodwa namanje akakalishayi igoli futhi alikho asalakhile kule midlalo asayidlalile. 

U-Asanele Velebayi uqale ukudlala kwiChiefs ngo-Okthoba kulandela ukubanjezelwa umbango weSpurs. 

Kusukela lapho, usedlale imidlalo eyisishiyagalombili, kodwa ikhono lakhe lokwakha nokushaya amagoli alikabonakali kahle.

IChiefs ivele idonsa kanzima ekushayeni amagoli kule sizini njengoba isashaye angu-16 kuphela emidlalweni engu-18. 

U-Asanele Velebayi uvumile ukuthi “ingcindezi” yezinkumbi zabalandeli beChiefs ihluke kakhulu kunedlanzana leSpurs.

“Ngiyazi ukuthi izibalo azingivumo njengamanje,” kuvuma uVelebayi kuleli sonto. 

“Bengizama ukwakha amagoli, kodwa kimina, manje sengidinga ukuwashaya. 

“Abalandeli bayakwazi ukukufaka umdlandla uma wenza kahle, kodwa futhi bengakulimaza uma kungahambi kahle.”

Yize ezimisele ngokujika izinto, uVelebayi uqale ebhentshini emdlalweni obalulekile neDurban City ngeSonto. 

Abaqeqeshi uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef bakhethe abadlali abanamava njengoba bebheke ukugwema ukhondolo olubi olihlulwa.

Khonamanjalo uMduduzi Shabalala ubuyela eqenjini elizoqala umdlalo ngeSonto.

Lo mdlali osemncane ube sematheni ngezizathu ezingalungile muva nje, futhi ubengekho emidlalweni emibili edlule.

  • Ibophele kanje iChiefs koweCity (4-3-3): Bvuma – Solomons, Cross, Kwinika, Miguel – Shabalala, Ndlovu, Maboe – Lilepo, Du Preez, Duba
  • Ebhentshini: Mazhamba, Monyane, Mako, Ngcobo, Mabaso, Sirino, Da Silva, Vilakazi, Velebayi 

FUNDA NALA | Inkakha igxeka uMbuthuma 

  • IDurban City ibophele kanje (4-3-3): Keet – Jalai, Mashego, Mkhize, Ncanana – Gcaba, Jurgens, Poggenpoel – Magawana, Mokwena, Kamatuka
  • Ebhentshini: Asare, Tshanini, Lubumba, Nodada, Mahlangu, Maseko, Sifumba, Domingo, De Kock