EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs izehlisa isithunzi ‘ngeziteki’ ezifana neCufe Cup

Kuyiqiniso okunzima ukuliphika ukuthi iKaizer Chiefs yilona iqembu elikhulu ebholeni elikhokhelayo eNingizimu Afrika. 

Empeleni kuze kunesisho sakamuva sesiNgisi esithi uma iChiefs ithimula, kunyakaza iNingizimu Afrika yonke. 

Kuyiqiniso. Noma ngabe yini eyenziwa yiChiefs, iba wudaba oluphambili kwabezindaba, nalapho kuhlangene khona abalandeli kukhulunywa ngakho. 

Yingakho kuze kube manje leli qembu lidlale imidlalo yalo emithathu yeligi ezinkundleni ezigcwele phama. 

Kusukela eFree State Stadium, eBloemfontein, kuya eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kuya eFNB Stadium, eGoli – izinkundla zigcwale kwavalwa ngomuntu emnyango.

Ngiyazi ke kulokhu engizokusho, abanye bazothi kodwa nje kudala leli qembu laqala ukudlala iCufe Cup, iseyiMacufe Cup. 

Kulungile, vele kunjalo, yiqiniso lelo. Kodwa njengoba iqembu likade lagcina ukunqoba indebe ‘yangempela’, noma nje sithi esemthethweni, bekumele lihoxe kulokhu. 

Vele le ndebe seyiphenduke ihlaya ngandlela thize. Indlela ebihlelwe ngayo kulokhu ikhomba khona ukuthi akuyona into ikilabhu ehlonipheke njengeChiefs engazihlanganisa nayo. 

Le ndebe icishe yangadlalwa njengoba iMarumo Gallants isabise ngokuhoxa ngenxa yokuthi kuze kwashaya uMgqibelo izivumelwano zingaphothuliwe. 

Ngesikhathi isabisa ngokuhoxa, iChiefs yona beyisisekhempini, isilinde kuse iye enkundleni.

Okwenzeke seyinikezelwa indebe ngemuva komdlalo yikho okuvele kwakhombisa kakhulu ukuthi ayikho lento. 

Bekungathi bekudlalelwa isiteki esibekwe yisiqumama thizeni emakhaya, esifuna udumo, esifuna kwazi wonke umuntu ukuthi wumcimbi waso lo okuhangenwe ngawo. 

Ungqongqoshe wezemidlalo uke wanqwaha nendebe nje. Lapho abadlali beChiefs bebengazi benzeni – baguqe noma bame. 

Okusobala ngale ndebe wukuthi kusuke kusetshenziswa igama leChiefs ukuheha abalandeli enkundleli, ukwenza sengathi lo mcimbi weCufe ube yimpumelelo. 

IChiefs ikweleta abalandeli bayo indebe yangempela abangakwazi ukuziqhenya nokuchoma ngayo, hhayi lo mascgozi ebiwudlala eBloemfontein.