UNurkovic uphoqe ukuphuma kwiGalaxy, ukhumbule ‘ekhaya’
- Intatheli yeLISENETHINI
USamir Nurkovic ulangazelela ukubuyela kwiKaizer Chiefs, eminyakeni emibili kusukela axoshwa kuleli qembu laseNaturena.
Lo mgadli waseSerbia, owahlukana neChiefs ekupheleni kwesizini ka-2021/22, kumanje akanaqembu.
Ikilabhu yakhe yakamuva, i-TS Galaxy, ihlukane naye ekuqaleni kwale nyanga.
Ngokombiko wePhakaaathi, uNurkovic ucele iGalaxy ukuba imkhulule kwinkontileka yakhe.
Kuthe lapho ikilabhu inqaba, wabe esefika sekwedlule isikhathi ebuya ngakubo ukuzoqala amalungiselelo esizini.
Lokhu kubikwa ukuthi kwamcasula kakhulu umengameli weGalaxy uTim Sukazi nomqeqeshi uSead Ramovic.
Yikho lokhu kwaholela esinqumweni sokumkhulula. IChiefs yona ngakolunye uhlangothi isacinga umgadli.
IChiefs iphuthelwe u-Iqraam Rayners, ojoyine izimbangi zayo ezinkulu iMamelodi Sundowns.
Kuthiwa mancane namathuba okuthola uFiston Mayele wePyramids FC, kanti Amakhosi asamfuna umgadli obukhali.
Umthombo uveze ukuthi uNurkovic ulangazelela ukuphinde abuyele eNaturena.
“Unomuzwa wokuthi unomsebenzi angawufezanga kwiChiefs,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Uyayithanda kakhulu le kilabhu nabalandeli bayo. Engagxuma uma kungavela ithuba lokubuyela ekhaya.”
UNurkovic ufike kuleli ezodlala kwiChiefs ngoJulayi ka-2019 futhi ngokushesha waba yintandokazi yabalandeli.
Waqanjwa igama likaKokota Piano, wabe esehlaba umxhwele ngamagoli angu-14 emidlalweni engu-31 ngesizini ka-2019/20.
Nokho, izinto zabe sezimbhimbela kumasizini amabili alandela lapho, waze wagcina ekhululiwe uma kuphela inkontileka.
Njengoba iChiefs isafuna umgadli obukhali, uNurkovic unethemba lokuthi uzobuya.
OLUNYE UDABA: Riveiro: Besingapholile isilonda seGalaxy
Ukukhombisile ukuthi usebukhali kwiGalaxy ngesizini edlule la eshaye khona amagoli ayishumi.