EzintshaMTN8

Ukhala ngomphumela, ujabule ngomdlalo owePirates

Lamaqembu adlale ngokulingana ngo 1-1 emdlalweni womlenze wokuqala weyandulela owamanqmau kwiMTN8 e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama. 

Lo mqeqeshi waseMorocco ubeye kulo mdlalo enengcindezi enkulu njengoba ebesehlulwe emidlalweni emibili kulandelana. 

Nokho indlela iPirates edlale ngayo – ikakhulukazi esiwombeni sesibili – ikhombise ukuthi ukhona umehluko futhi ingase igcine ihlangane kahle. 

Okumkhathazile u-Ouaddou wumphumela nendlela abangenelwe ngayo yigoli njengoba kuphinde kwaba yibhola ebelibekwe phansi.

Bekukade kuyikhona, iPirates yahluleka ukuyimaka, yadedela uTeboho Mokoena ukuthi alingqofele enethini eyedwa ibhola. 

Nokho ibuye isingcono esiwombeni sesibili, yayijaha yaze yayifica iSundowns, uKamogelo Sebelebele eshaya igoli lokulinganisa. 

“Kube wumdlalo omuhle kuwo womabili amaqembu. Womabili amaqembu azamile ukwenza umdlalo ube muhle,” kusho u-Ouaddou ngemuva komdlalo.

“Asijabule ngomphumela ngoba besifuna ukunqoba. Siphinde sangenelwa yigoli ngebhola elibekwe phansi.

“Kodwa kumele ngibancome abadlali ngokungalilahli ithemba. Ngokufaka umdlandla baze bathole igoli lokuliganisa.  

“Sidonse kanzima esiwombeni sokuqala, kodwa saba ngcono kwesesibili. Umphumela uzonqunywa emdlalweni wesibili – sisenethuba.” 

Umdlalo womlenze wesibili uzodlalwa ngoMgqibelo ozayo eLucas Moripe Stadium. Nokho ngaphambi kwalokho, iPirates inomdlalo onzima neStellenbosch FC kwiligi.

U-Ouaddou uthe babheke ukuqoqa amaphuzu kuwo ukuze babuyise ukuzethemba kubalandeli asebedikibele ngenxa yokungenzi kahle kweqembu kwiBetway Premiership.

IPirates beyisadliwe kuyo yomibili imidlalo yeligi kanti uma ingavuka ngeStellies, kungayinyusela kakhulu ukuzethemba.