
UKekana noMabunda baphawula ‘ngempi’ kaWilliams noMothiba
Izingwazi zeMamelodi Sundowns uTiyani Mabunda noHlompho Kekana seziphawule ngesiqeshana sevidiyo esivez aokungekuhle esigcwale ezinkundleni zokuxhumana.
Kule vidiyo kubonakala ukaputeni wamanje uRonwen Williams ethethisa kabi uLebo Mothiba ngesikhathi bephuma enkundleni.
Lesi sigameko senzeke emdlalweni la iSundowns ibhubhise khona iRemo Stars yaseNigeria ngempelasonto edlule.
Abalandeli babe nemibono ehlukene ngaso – abanye besola uWilliams, abanye bemeseka bethi vele yinto ejwayelekile ebholeni.
Nokho kuvamise ukuthi abadlali bathethisane esithe uma kukhona abamsola ngokuthi akenzanga kahle ukugwema ukumbukanisa nabalandeli.
Kodwa oTiyani Mabunda noHlompho Kekana bathe akuyona into enkulu le eyenzekile, futhi nabo babekwenza besadlala ndawonye kuleli qembu.
“Kunevidiyo ekhombisa ukuxabana phakathi kukaRonwen noLebo… Uyazi ngitheni uma ngiyibona?,” kusho uMabunda.
“Yinto engiyithandayo lena ngeSundowns. Yinto ekwenza ubona ukuthi ifunwa kanjani impumelelo. Ngathi bebebuka mina nawe.”
UKekana ube esengenelela: “Bebelwa enkundleni, hhayi ekucasheni futhi bekungenxa yokuthi kukhona ongawenzanga umsebenzi wakhe kahle.”
UMabunda ube esechaza indlela ababelwisana ngayo yena noKekana njengoba babedlala ngokubambisana esiswini.
“Eyethu yayinzima kakhulu, wawutshelwa emehlweni ukuthi uwena odlisele iqembu – kungacucuzwa.
“Uma nitshelana kanjalo lokho kukutshela ukuthi niyalithanda iqembu. Sisuke sikwazi ongakwazi ukukwenza, ngakho uma singakutsheli uma udembesela kusho ukuthi asikuthandi.”
FUNDA NALA | OweSafa uncoma ubusoka bukaBroos
Khonamanjalo, iSundowns izobhekana neRemo Stars emdlalweni womlenze wesibili eLoftus Stadium ngeSonto ntambama.
Ibukeka seyivele ingenile esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League njengoba inqobe ngo 5-1 nje ekuhambeni.
