Ezintsha

U-Aden McCarthy uyaqala koweSabah neMan United

Obengumdlali wasemuva weKaizer Chiefs, u-Aden McCarthy, uqokwe esikwatini esiqala umdlalo eqenjini lakhe elisha iSabah.

Leli qembu lizogadulisana neManchester United emdlalweni wokuqala wesigaba samaqoqo kwi-Uefa Champions League e-Old Trafford yodumo. 

Umdlalo uqala ngo-9 ebusuku. UMcCarthy, oneminyaka engu-22, uzodlala maphakathi emuva kwiSabah, engompetha base-Azerbaijan.

Lona ngumdlalo omkhulu cishe kunayo yonke emsebenzini wakhe kuze kube manje.

ISabah ifinyelele esigabeni seligi ngemuva kokunqoba imidlalo emine yokuhlunga, okuhlanganisa ukunqoba ngo-6-4 sekuhlanganiswe imilenze yomibili ibhekene neHapoel Be’er Sheva yase-Israel.

U-Aden McCarthy ushiye i-Kaizer Chiefs ngoJuni ngemuva kwesizini yokuqala enhle, lapho adlale khona imidlalo engu-33.

Washaya amagoli amabili ngesikhathi esiza iChiefs iqede endaweni yesithathu. Qede waheha amehlo eSabah.

Umqondisi wezemidlalo weChiefs, uKaizer Motaung Jr, wathi ngaleso sikhathi ikilabhu iyaziqhenya ngokuthi uMcCarthy uzokwazi “ukuphakamisa ifulegi laMakhosi phezulu e-Europe.”

Namuhla ubhekene noBruno Fernandes, uBryan Mbeumo noBenjamin Šeško esigabeni esikhulu kunazo zonke emsebenzini wakhe.

Ibophele kanje iSabah: Pokatilov; Puchacz, Dashdamirov, McCarthy, Zedadka; Rahmonaliev, Lepinjica; Parris, Nwachukwu, Simic; Mickels. 

IManchester United yona ibophele kanje: Lammens; Mazraoui, Yoro, Martinez, Dorgu; Tielemans, Mainoo; Mbeumo, Fernandes, Cunha; Sesko