EzintshaKaizer Chiefs

UKaze uvikela uSilva, uthi akayena uLewandowski kodwa…  

Abalandeli bavele abasambhekile ukuthi kukhona isimanga eza naso lo mgadlie. Imibono yabo engemihle ngaye isukela kwabakubone kulo mgadli ngesikhathi iqembu lilungiselela isizini. 

Indlela adlale ngayo emidlalweni yokuzizwa amandla yeqembu ayizange ibanike ithemba abalandeli ukuthi engaba ngcono kunoRanga Chivaviro ochithwe yileli qembu.

Nokho iphini lomqeqeshi kwiChiefs, uCedric Kaze, lithi yize engeyena umgadli odlala ngendlela ebhekwe abalandeli, kukhona okuhle futhi okuhlukile anakho.

“Uma ngingakutshela amaqiniso nje ngaye (uSilva), ungumdlali ozimiselayo ngaso sonke isikhathi ejimini,” kusho uKaze. 

“Ungumdlali owashayayo amagoli ejimini. Abantu bacabanga ukuthi wonke umgadli kumele afane noThiery Henry noma u(Robert) Lewandowski.

“Kodwa yena wehlukile. Ungumdlali ohlezi esebhokisini, futhi uma kufika amabhola amabili noma amathathu agotshiwe afakwa ebhokisini, azomfica ekhona.

 “Uma kwenzeka kuba nebhola elishayise ipali labuya noma elibuya kunozinti, uzobe ekhona elilindile.

“Ungumdlali ohlezi esebhokisini. Siyamdinga ke umdlali ofana nalowo,” kuchaza lo mqeqeshi. 

USilva ubengakadlali futhi akekho naseqenjini elizodlala nePolokwane City eFNB Stadium ngoLwesithathu ebusuku. 

Lamaqembu asewakhiphile amaqembu azoqala ngawo lo mdlalo obhekwe ngabomvu kulandela ukunqoba kweChiefs ngempelasonto edlule. 

  • IChiefs ibophele kanje (4-5-1): Peterse – Cross, Monyane, McCarthy, Inacio – Tshabalala, Lilepo, Mthethwa, Cele, Sirino – Duba
  • IPolokwane ibophele kanje (4-5-1: Bwire – Mathonsi, Nkaki, Mvundlela, Motsa – Kambala, Ramabu, Letshedi, Maphangule, Tshabalala – Dlamini