EzintshaMamelodi Sundowns

ULorch uzodlala kwiClub World Cup kodwa hhayi neSundowns

Imibiko ithi sekuqiniiwse ukuthi womabili amaqembu asefinyelele esivumelwaneni ngokuthi uLorch athuthele eNyakatho Afrika. 

Isinyathelo esisele manje wukusayinwa kwenkontileka. Kodwa uLorch usengathathwa njengomdlali weWydad.

Isivumelwano sizoba ngesokubolekiswa izinyanga eziyisithupha kodwa sinombandela wokwelula.

Lokhu kusho ukuthi uLorch usazodlala kwiClub World Cup ka-2025 kodwa kulokhu uzobe engaphansi komqeqeshi omethembayo. 

Lesi senzo simhlanganisa noMokwena, okunguye owaphoqelela ukuthi iSundowns imsayine esuka kwi-Orlando Pirates ngesizini edlule.

ULorch ube nesizini enhle ngaphansi kukaMokwena. Udlale imidlalo engu-24, washaya amagoli angu-11 futhi wakha amagoli amane. 

Naphezu kokwenza kahle, isikhathi sakhe kwiSundowns asizange sibe sihle. Kuvele ukuthi ubengasahlalisekile kusukela kuhambe uMokwena. 

Ijezi ubengasalitholi njalo. Ngaphambi kokujoyina iSundowns, uLorch ubengumdlali obalulekile kwiPirates. 

Uhlale iminyaka ebalelwa eshumini kuMabhakabhaka, wawina izindondo eziningi. 

Ngo-2019, wathweswa umqhele we-PSL Footballer of the Season. 

Igoli lakhe elanqobisa iBafana Bafana ibhekene ne-Egypt kwi-Afcon ka-2019 lisakhumbuleka namanje kwabaningi.

Manje, usezobhekana nenselelo entsha eNyakatho Afrika. ULorch kulindeleke ukuthi afike eCasablanca ngoLwesihlanu ukuyoqala impilo entsha. 

Abalandeli beWydad balindele ngabomvu ukwethulwa kwakhe njengoba elungiselela isahluko esilandelayo somsebenzi wakhe.