DStv Premiership

UKabelo Dlamini uveza asafisa ukukufeza kwiPirates

Ubona ukuthi kuyobe alifezekanga ngokugcwele iphupho lakhe kuleli qembu uma egcina engayitholanga le ndebe ashoda ngayo.

Usenazo izindondo zokunqonba iMTN8, neNedbank Cup njengoba sebeziwine amahlandla amaningi.

Nokho kusasele eseCaf Champions League, eseCarling Knockout neseBetway Premiership – okuyizo asezifuna manje.

EseCaf Champions League ngeke esakwazi ukusithola kule sizini kwazise iPirates seyiphumile kulo mqhudelwano. 

Kodwa-ke, ezinye izindebe uKabelo Dlamini usenethuba kuzo. Empeleni eseMTN8 sesivele sisemxhakeni kanti neseCarling Knockout siseduze njengoba sebekowamanqamu.

IPirates izodlala neMarumo Gallants emdlalweni wamanqamu weCarling Knockout ePeter Mokaba Stadium ngoDisemba 6. 

KwiBetway Premiership isesembangweni njengoba isendaweni yesibili kanti isilele ngamaphuzu amathathu kuphela kwiMamelodi Sundowns ekubeni inemidlalo esayigodlile. 

UKabelo Dlamini, ojoyine iPirates ngo-2019, usehlomule izindebe eziyisithupha ngesikhathi sakhe kuleli qembu, kanti lo mdlali oyinxele usalambele ezinye.

“Sengizinqibile ezinye izindebe (iMTN8 neNedbank Cup). Manje ngingathanda ukunqoba iligi neCaf Champions League,” kusho uDlamini kwabeSuperSport TV.

“Bengingeke nganeliseke, kodwa ngingajabula ukuthi ngizuze izinto eziningi iqembu elifuna ukuzifeza.

“IPirates yiqembu elikhulu, iqembu elihlezi lilwela izindebe. Ngilwela lokho kusukela ngafika lapha, sengikwazile ukuphakamisa indebe cishe njalo ngesizini.

“Njengomdlali njengoba ukhula ufuna ukudlalela iqembu elikhulu ngoba ufuna ukunqoba izindebe. 

“Ungaphatheka kabi uma udlalela iqembu elikhulu kodwa ugcine unganqobanga lutho.

“Eqenjini elikhulu, maningi amathuba okuthi uthole ithuba lokuphakamisa izindebe kunalawo abizwa ngamaqembu amancane.”

Ngosohlangothini lwakhe uqobo, uKabelo Dlamini uthi ufuna ukuthola isikhathi sokudlala esengeziwe njengoba ijezi libuye limeqe nje kule sizini.

Lo mdlali wasesiswini ohlaselayo usadlale imidlalo eyisithupha kuphela kule sizini, kanti iqembu selidlale imidlalo engu-21 kuyo yonke imiqhudelwano kuze kube manje.