
UHunt ubheke ukuvuka ngeChiefs – uShabalala uyaphika
Udaba ngu-Alfred Ngubane
Umqeqeshi weDurban City, uGavin Hunt, uthi kumele bathole amaphuzu amathathu emdlalweni wabo weBetway Premiership neKaizer Chiefs.
La maqembu womabili ahlangana eMoses Mabhida ngoLwesihlanu – umdlalo uqala ngo-7.30 ebusuku.
“Sifundile emaphutheni esiwenzile emidlalweni edlule, ngakho siwadinga egcwele la maphuzu amathathu,” kusho uHunt.
IDurban City ihlulwe kabili kulandelana emidlalweni yasekhaya muva nje: ihlulwe AmaZulu FC koweligi neRichards Bay FC kwiCarling Knockout.
Ngesikhathi uGavin Hunt ehlose ukujika izinto ngeqembu lakhe lakudala, umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs uMduduzi Shabalala uthi nabo banezinhloso zabo ngalo mdlalo.
UShabalala ufuna iChiefs ithathe umgqigqo ewukhombise ibhekene ne-AS Simba yaseDR Congo kwiCaf Confedeation Cup ngempelasonto edlule iwusebenzise kwiligi.
Ubheke lokho bakuqale emdlalweni weDurban City la efuna baqale khona ukushaya amagoli ukuze banqobe umdlalo – into abebngayenzi emidlalweni yabo edlule.
“Kube wumphumela osikhuthaza kakhulu futhi ovuselela ukuzethemba kithina ukushaya amagoli amathathu futhi sifuna ukuqhubeka nakho emdlalweni neDurban City,” kusho uShabalala.
IChiefs izophinde iqiniswe ukubuya kuka-Inacio Miguel obesephuthelwe imidlalo emibili edlule ngenxa yokulimala.
Uyawuqala lo mdlalo weDurban City futhi uzobambisana no-Aiden McCarthy emuva maphakathi nenkundla – uthathe indawo kaZitha Kwinika.
- Ibophele kanje iChiefs: Petersen – Cross, McCarthy, Miguel, Solomons – Mthethwa, Ngcobo, Vilakazi, Shabalala, Lilepo, – Ighodaro
- Ebhentshini: Bvuma, Monyane, Kwinika, Cele, Sirino, Maboe, Mmodi, Velebayi, Da Silva
- Abaqeqeshi: Khalil Ben Youssef noCedric Kaze
FUNDA NALA | OweLupopo uyaziphendulela ngesinsolo zePirates
- IDurban City yona ibophele kanje: Keet – Nwoburouke, Mashego, Mkhize, Gcaba – Jurgens, Jodwana, Mokwena. Maseko, Nodada, – Kamatuka
- Ebhentshini: Mtshali, Poggenpoel, Sifumba, Maphathe, Lubumba, Koapeng, Magawana, Domingo, De Kock
- Umqeqeshi: Gavin Hunt
