EzintshaKaizer Chiefs

Ngathi luqina kakhulu unyawo kwiChiefs ngaphansi kukaNabi 

Ufuna abadlali bazinikele ngokugcwele kukho konke abakwenzayo. Nokho-ke sekunovalo lokuthi abadlali sebekwenza ngokweqile lokho, ikakhulukazi ngesikhathi bezilolonga.

Lokhu kukhathazeka kuvele ngemuva kokuthi abadlali ababili beChiefs bebuyiselwe ekhaya bephuma ekhempini yabo yokulungiselela ukuqala kwesizini eTurkey ngenxa yokulimala ngesikhathi bezilolonga. 

Bobabili uBongani Sam, osanda kujoyina leli qembu, no-Edmilson Dove babuyele eNingizimu Afrika ukuyohlolwa udokotela kulandela ukulimala ejimini.

UBongani Sam, ongumdlali wasemuva oseqophelweni eliphezulu, usanda kujoyina iKaizer Chiefs esuka kwi-Orlando Pirates.

Muhle ngekhono lakhe lokuvala emuva bese elekelela ngokunyuka uma kuhlaselwa nokukwazi ukudlala ohlangothini namaphhakathi nenkundla. 

Ukusayinwa kwakhe bekubhekwe ukuthi uzovala isikhala sikaSifiso Hlanti ogajwe yileli qembu ekupheleni kwesizini. 

Kodwa-ke, izinsuku zakhe zokuqala ekilabhini entsha seziphazamisekile ngenxa yalokhu kulimala kwakhe.

U-Edmilson Dove, ongumdlali waseMozambique, ufike kwiKaizer Chiefs ngo-2022 esuka kwiCape Town City. 

Nokho selokhu efikile kwiChiefs ubhekane nenselelo yokulimala okuphazamise ukukhula kwakhe. 

Naphezu kwalezi zingqinamba, ithalente likaDove lenze iqembu lavuselela inkontileka yakhe, lengeza ngomunye unyaka, libonisa ukumethemba. 

Ukulimala kwalaba badlali bobabili kuqubule imibuzo mayelana nokushuba nokuqina konyawo uma iqembu lizilolonga ngaphansi komqeqeshi uNabi. 

Njengoba iqembu lilungiselela isizini ezayo, uNabi cishe kuzomele athole indlela yokubhalansisa ukuqina konyawo nokungalimazani kwabadlali. 

Ukuhlolwa ngodokotela eGoli kwalaba badlali kuzocacisa ukuthi balimele kangakanani nokuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ukuthi balulame.