EzintshaOrlando Pirates

Ezintsha ngonozinti weStellies ofunwa yiPirates

I-Orlando Pirates isaqhubeka nezingxoxo neStellenbosch FC ngenhloso yokusayinisa unozinti osemncane, uDublin Boon.

Lo nozinti oneminyaka engu-21 ubudala ujoyine iStellenbosch esuka kwiWellington Phoenix yaseNew Zealand ngo-Agasti wonyaka odlule.

UBoon ubesetshenziswa kakhulu njengonozinti wesibili eqenjini leStellenbosch elidlala kwiDStv Diski Challenge.

Kubikwa ukuthi ekuqaleni ubefakwe esivumelwaneni sokushintshaniswa kwabadlali phakathi kwePirates neStellenbosch.

Leso sivumelwano besizobona uBoon noFaiz Abrahams bejoyina i-Orlando Pirates, bese kuthi uKabelo Dlamini aye kwiStellenbosch.

Nokho, lesi sivumelwano sagcina singaphumelelanga ngemuva kokuthi uDlamini enqabile ukushintshela kuleli qembu laseCape Winelands.

Yize kunjalo, ngokubika kwe-iDiski Times iPirates ayikayeki ukuzama ukuthola uBoon.

Kubikwa ukuthi umdlali usevumelene nemigomo yenkontileka nePirates, kanti okusele wukuthi la maqembu amabili afinyelele esivumelwaneni ngemali yokudayiselana.

Imenenja yakhe, uRasthoem Simons we-5sSports, iqinisekise ukuthi izingxoxo zisaqhubeka.

“Izingxoxo zisekhona. Sinethemba lokuthi zizophothulwa maduze,” kusho uSimons.

I-Orlando Pirates ibheke ukuqinisa indawo yonozinti ngemuva kokuhlukana noMelusi Buthelezi, osanda kujoyina iSekhukhune United.

Njengamanje Amabhakabhaka asenoSiyabonga Dladla no-Ethan Visagie ababangisa uSipho Chaine indawo yokuqala imidlalo.