Bafana BafanaEzintsha

UHugo Broos ukhala ‘ngobuvila’ kwisethenjwa sakhe

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos useveze isikhalo anaso ngomunye wabadlali bakhe ababonakala beyizethenjwa.

Lo mgadli odlala kwiBurnley e-England akabanga nomdlalo omuhle iBafana ibambana ngo 1-1 nePanama ngoLwesihlanu. 

Abalandeli abaningi bakhale ngokuthi akazimiseli, futhi akakhombisi ukukulambela ukushaya amagoli.

Manje uHugo Broos naye useveze ukuthi uLyle Foster ubuye abe nobuvila, obenza angalisizi iqembu.

“Ngokwami, uLyle ungumgadli omuhle,” kusho uBroos ngemuva kwalo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium eThekwini.

“Kodwa ubuye abe nokuvilapha okuncane. Ngimtshelile ezinsukwini ezimbalwa ezidlule ukuthi sifuna umgadli onjani.

“Ngithe kuye sidinga umgadli onyakazayo, ofaka izitobha ingcindezi ngaso sonke isikhathi. 

“Esiwombeni sokuqala ubenayo iminyakazo embalwa, waba ngconywana esiwombeni sesibili.”

UHugo Broos ukholwa wukuthi uLyle Foster angaba yingozi kakhulu uma engafaka amandla kwindlela adlala ngayo. 

“ULyle uyanyakaza, uyashesha futhi uqinile. Uma engayeka ukuma ndawonye alinde ibhola lize kuye angaba yingozi kakhulu.

“Ngiyamazi ukuthi uqinile futhi uyakwazi ukugcina ibhola ezinyaweni, kodwa asidlali kanjalo… 

“Asidlali ngomgadli uzobamba ibhola alinde abanye abahlaselayo beze kuye. 

“Sidlala ibhola elidinga umgadli ongami ndawonye. ULyle ubuye wakhathala ngemuva kwemizuzu engu-60 noma 70.”

UHugo Broos umkhiphile uLyle Foster ngasekupheleni komdlalo, wafaka u-Evidence Makgopa endaweni yakhe.

Lo mgadli we-Orlando Pirates udlale kangcono futhi wakwazi ukuhlupha izitobha zePanama.

Nokho akakwazanga ukubhakuzisa inethi ukuze banqobe lo mdlalo iBafana edlale kahle kakhulu kuwo.