
Uhoxelani? URiveiro uphawula ngesinqumo sakhe ngePirates
UJosé Riveiro usethathe isinqumo sokuhoxa njengomqeqeshi we-Orlando Pirates ekupheleni kwale sizini.
Lesi sinqumo sesishaqise izigidi zabalandeli baleli qembu, saqubula nokuqagula okuningi.
“Ukuvalelisa akulula neze,” kusho i-Orlando Pirates esitatimendeni esimayelana nesinqumo sikaJose Riveiro.
“Kuqaqambisa inhliziyo, kusikhumbuze izikhathi esifisa ukuthi zingahlala unomphela.
“Kodwa ebholeni, njengasempilweni, ngezinye izikhathi kuyadingeka.”
UJosé Riveiro ujoyine i-Orlando Pirates ngo-2022, futhi akagcinanga nje ngokuphatha iqembu, kodwa ulungise imimoya, wabuyisa ithemba ebelilahlekile.
IPirates yayiphuma kwisizini ka-2021/22 la eyayiqede khona endaweni yesithupha kiwligi, inqobe engu-10 kuphela emidlalweni engu-30.
Yayiphume ngomzuliswano wokuqala kwiMTN8 yehlulwa kwi-Round of 16 kwiNedbank Cup.
Njengoba ayengazange aqeqeshe kakhulu ezigabeni ezikhokhelwayo ngaphambi kwe-Orlando Pirates, uJose Riveiro wagxekwa engakabeki kwamcondo wakhe kuleli.
Kodwa-ke, le nsizwa eneminyaka engu-47 ubudala usejike ababemgxeka baba ngabalandeli bakhe abakhulu.
Ushiya nje useyindoda ehlonishwa kakhulu nethandekayo ebholeni lakuleli.
“Unikeze abalandeli bePirates okungaphezuli kokunqoba imidlalo; ubanike isizathu sokuphinde bakholelwe eqenjini babe namaphupho amakhulu ngalo,” kwengeza iPirates.
“Futhi manje, njengoba ukuphela kwesizini kusondela, nosuku lokuthi lesi sahluko esimangalisayo siphele luyasondela.”
Ingxoxo ngesinqumo sakhe sokushiya amaBhakabhaka yiyo esematheni njengamanje ebholeni ezweni lonke.
Kepha ngendlela athobeke ngayo uRiveiro, lomqeqeshi waseSpain yena usagxile emsebenzini ophambi kwakhe, futhi uthi izizathu zakhe zizokwaziwa ekupheleni kwesizini.
“Okubalulekile kimi njengamanje umdlalo wethu ozayo nePolokwane City,” kusho uRiveiro.
“Lona umdlalo onzima. Umdlalo odinga ukugxila kwethu okuphelele.
“Kuzofika isikhathi sokuthi ngikhulume ngesinqumo engisithathile kodwa manje akusona leso sikhathi ngoba sinomsebenzi okufanele siwenze.
“Isizini isekude ukuphela futhi sinomsebenzi omningi okufanele siwenze phakathi kwamanje nokuphela kukaMeyi.”
UJose Riveiro wengeze ngokuthi ukube ubenendlela ubengeke asithathe isinqumo kuze kuphele isizini kodwa ubefuna ukwenzela iqembu ubulungiswa.
“Ngokusobala, ukube kuya ngathi, umuntu ubengafuna ukubambelela ekukhulumeni kuze kuphele isizini kodwa akwenzeki.
“Ikilabhu idinga ukuhlela ikusasa layo futhi okulungile ukuthi inikezwe isikhathi sokwenza kanjalo.”
