
Uhoshe imfe uMike Makaab, waxolisa kwiKaizer Chiefs
Imenenja yabadlali ehlonishwayo kuleli, uMike Makaab isivumile ukuthi yenze iphutha ngalokho ekusho ngoSipho Mbule neKaizer Chiefs.
Ephendula imibuzo ngalo mdlali wakhe, uMike Makaab ubhale ku-X ukuthi unikeze iKaizer Chiefs ithuba lokusayina uSipho Mbule.
Uthe manje sekusele kuleli qembu elizinze eNaturena ukuthi lithathe isinqumo sokuthi liyamsayina yini lo mdlali noma cha.
Njengamanje uMbule ufuna iqembu elisha azodlala kulo ngesizini ezayo ngemuva kokuthi iMamelodi Sundowns inqume ukungayivuseleli inkontileka yakhe.
Uchithe le sizini ebolekiswe kwiSekhukhune United kulindeleke ukuthi abuyise umgqigqo wakhe.
Kodwa usheshe wadedelwa ngaphambi kokuphela kwesivumelwano sakhe sokubolekiswa ngenxa yezinsolo zokungaziphathi kahle.
Manje abanye babalandeli beKaizer Chiefs sebezwakalise isifiso sabo sokuthi ajoyine iqembu labo kanti uMakaab ubephendula lezi ziphakamiso.
Kodwa ngemuva kokugxekwa abhekane nakho ngokudalula lokhu ngaphambi kokuthi iqembu lithathe isinqumo, usexolisile.
“Ngiphendule ngenhliziyo ngaphandle kokucabangisisa ngokwanele ukuthi lokhu kuzobonwa kanjani yibo bonke abathintekayo.
“KwiKaizerChiefs, ngiyaxolisa. Ku-SD (umqondisi wezemidlalo) uKaizer Motaung Junior nekilabhu yonke (ngiyaxilisa).
“Bekungeyona inhloso yami ukudala inkinga kuye naseqenjini,” ubhale kanje ngoMsombuluko ntambama.
“Ngokuphambene nalokho iningi labalandeli elikukholelwayo, ngiyayihlonipha iChiefs njengesikhungo esikhulu esidlale indima enkulu ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Ngithatha ikhefu elincane ezinkundleni zokuxhumana futhi ngithemba ukukhuluma nani nonke maduze.”
Mhlawumbe okwenze uMike Makaab agcine esevumela ukuhluthuka kwenhliziyo wukuthi uhlale esolwa ngokungayifuni iKaizer Chiefs.
Abalandeli bahlezi bemchukuluza bethi akafuni abadlali abasezingeni abasesitebeleni sakhe baye eNaturena.
