Ezintsha

UGayton McKenzie nezintsha ngeVAR kwiPSL

Uthi lolu hlelo lusendleleni futhi izimali zokuluqala sezitholakele.

Uhlelo lwe-VAR (Video Assistant Referee) kulindeleke ukuthi lwethule kuyole nyanga, u- Ephreli kuleli. 

Lokhu kulandela ukukhula kwengcindezi nezikhalo ezivela kubalandeli, abaqeqeshi nongoti ngezinqumo zonompempe ezingashayi khona.

Ukungaphathwa kahle kwemidlalo kwi-PSL sekuboonakale kaningi kule sizini. 

Onompempe abaningi abasezingeni eliphezulu okubalwa kubo uJelly Chavani, u-Abongile Tom, noZakhele Siwela, sebeke namiswa yiSafa ngenxa yokungenzi kahle.

UGayton McKenzie usesabele ikhwelo le-VAR, ehambisana nabaqeqeshi abafana noMiguel Cardoso, uSteve Barker, uManqoba Mngqithi noNasreddine Nabi. 

Umphathi weChippa United, uSiviwe Mpengesi, ubephakathi kwezikhulu zamaqembu zokuqala ukuzwakalisa ukweseka lesi sinyathelo sokwethula iVAR.

NgeSonto, uGayton McKenzie ungene ku-X (ebeyaziwa ngeTwitter) ukuze ethule ngenqubekelaphambili yakamuva ngalolu hlelo. 

“Imithetho yeFifa ithi i-VAR kumele iphathwe yiSafa,” kubhala ungqongqoshe. “Sihlanganile nobuholi beSafa ngalokhu.”

Uqinisekise isinyathelo esilandelayo: “Isikhangiso sizophuma ezinsukwini eziyisikhombisa ezizayo ukuze kutholwe abazophatha lolu hlelo. 

“Imali isikhona. Ukuqeqeshwa konompempe sekunaso isabelomali sakho. Siyabonga kwiSafa, siyabonga kwiPSL…”

Nakuba imali isikhona, i-VAR ngeke ibiza ngampela. Ukuyiqala kuzodla imali elinganiselwa ku-R70 kuya ku–R80 million. 

Ukuyisebenzisa emdlalweni ngamunye kuzodla imali elinganiselwa ku-R70 000. 

Ngo-Okthoba odlule, uMcKenzie wathi iSafa ngeke ikwazi ukukhokhela izindleko iyodwa. 

Yingakho abe esethembisa ukuthi umnyango wakhe uzongenelela ukusiza ukuqoqa imali.

“Ibhola lisenza sonke sijabule,” kusho uMcKenzie ngaleso sikhathi. “Uhulumeni we-GNU uzoqoqa ingxenye enkulu yemali, ngosizo lwabaxhasi nokusebenzisana neSafa.”

UGayton McKenzie unenkolelo enkulu yokuthi i-VAR izothuthukisa ibhola lakuleli, likhuphukele ezingeni elingcono. 

“Sifuna ibhola lethu libe ngcono,” kusho yena. “Futhi iVAR ingenza lokho kwenzeke.”