EzintshaKaizer Chiefs

UFarouk uthi iKaizer Chiefs iyawina kodwa ‘is not make sure’

Lowo owake waba yiphini lomqeqeshi kwiKaizer Chiefs, uFarouk Khan useveze ukungeneliseki ngendlela leli qembu elidlala ngayo muva nje.

Amakhosi asedlale futhi ayinqoba yomibili imidlalo kwiBetway Premiership nakwiCaf Confederation Cup kusukela kuqale unyaka.

Ashaye iGolden Arrows ngo 1-0 kwiligi yakuleli, abe eselandelisa ngeZesco United yaseZambia kwiConfed Cup ngempelasonto.

Yize le miphumela imihle futhi ibajabulisile abalandeli beKaizer Chiefs, uFarouk Khan akachazekile neze futhi uthi le ndlela enqoba ngayo ayijabulisi.

Usale enokungabaza ngokuqina kwaMakhosi ikakhulukazi ngemuva kokuhlula iZesco ngo 1-0 akholwa wukuthi bebengayibhaxabula kakhudlwana.

“Ngeke ukwazi ukuhlezi uthi umsebenzi ufeziwe ube unqobe ngo 1-0,” kusho uKhan owayeyiphini likaMuhsin Ertugral.

“Seyingu-15 manje imidlalo kunqontshwa ngo 1-0. Sidinga ukubona iChiefs edlala kangcono.

“Futhi ngicabanga ukuthi kubafanele abantu ukuthi balindele iChiefs ngoba kudala iChiefs beyisatshwa.

“IChiefs ibiyiqembu ebelingabukisa ngeqembu elifana naleli (iZesco). Kumele ngabe senza kangcono ukuze uma sesihlangana neqembu eliqinile sikwazi ukumelana nalo.” 

UFarouk Khan uthe ibhola elidlalwa yiKaizer Chiefs alikhombisi ubukhulu bale kilabhu futhi lokho akumele kufihlwe. 

“Akumele sincome umbhedo. YiChiefs le esikhuluma ngayo la,” kuqhuba uKhan oke waba ngumhlaziyi kwiSuperSport TV. 

“Uma sibheka leli qembu abebedlala nalo, alikho ngcono kunamaqembu ethu adlala kwiMotsepe Foundation Championship.

Ngiyakutshela, amanye amaqembu ethu aleso sigaba abengayigoba inkani (iZesco). IChiefs ibe nenhlanhla yokuthi banonozinti othambile.

“Udedele igoli elilula. Bese kungokwesibili iChiefs isizwa wukubhacaza emuva kwedlala nabo.”

Uthe kwi-Arrows yawina ngegoli okwakungafanele engabe labalwa kwazise lashaywa umdlali owayesesendaweni engamfanele.

KwiZesco nakhona kube wukubhayiza kwezitobha okuyivulele intuba yokuthi ithole igoli lokunqoba.