EzintshaKaizer Chiefs

UDuba ‘udube’ owe-Arrows ngenxa yabamsabisa ngokumsoconga

Uthi lezi zinsongo uzothole ngenxa yomgqigqo wakhe omuhle kuMakhosi wakamuva. 

Lo mgadli oneminyaka engu-21 ubudala uthi lokhu yikho okwenze aphuthelwe yimidlalo yakamuva yeChiefs.

Ubengekho ngesikhathi iChiefs inqoba ngo 1-0 ihlula iGolden Arrows emdlalweni weBetway Premiershio eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngempelasonto.

“Kube ngamazwana nje angemahle, abantu abeza kwi-akhawunti yami, bephawula bengisabisa ngokungibulala nakho konke okunye okunjalo. 

“Angicabangi ukuthi emdlalweni wokugcina bengisesimweni esifanele ngokwengqondo (ngemuva kwalezi zinsongo).

“Ngakho-ke, angizange ngihambe neqembu ukuyodlala eThekwini,” usho kanje uDuba ekhuluma nezintatheli ngoLwesithathu.

Ubekhuluma ngesikhathi iChiefs, ngokubambisana neNedbank yethula inkundla yezemidlalo ePhulong Secondary School eSprings.

Lo mdlali uveze ukuthi ukugxekwa akutholayo akumkhathazi kangako, kodwa yizinsongo ezizwelayo.

“Ukugxekwa kuyingxenye yomsebenzi webhola. Uma wenza okuhle, bayakhuluma, futhi uma wenza okubi, basazokhuluma. 

“Ngakho-ke ngidinga ukugxila kulokho engikwenza kangcono kakhulu – ukudlala ibhola,” kuqhuba yena.

“Lezi zinto azingikhungathekisi kangako, ngakho ngivame ukukhuluma nomfowethu, futhi uhlale engiqondisa. 

“Ngezinye izikhathi, ngizizwa ngithanda ukuziphendulela uma kukhona ophawule kabi noma wangethuka.”

Kuba yilapho ke esethola khona izinsongo uma eziphendulela uma ethukwa.