EzintshaKaizer Chiefs

Udlelwa imizi uKhama Billiat wodumo kwiChiefs

Umdlali wodumo kwiKaizer Chiefs uKhama Billiat ubhekene nengwadla yokulahlekelwa ngomunye wemizi yakhe kanokusho eGoli.

Lokhu kulandela izinsolo zokuhluleka ukukhokhela nokukweleta ibhondi ayithatha ngo-2021. 

Ngokwamaphepha asenkantolo, i-Emerging Markets Home Loans (EMHL) iye eNkantolo eNkulu yaseGoli ifuna ukunikwa igunya lokudla impahla yalo mdlali oneminyaka engu-35 ubudala.

Le nkampani ithi yaboleka uKhama Billiat imali engaphezudlwana kuka-R1 million ngoMashi 2021 ukuze athenge umuzi kanokusho eKyalami. 

Kodwa-ke, kusolakala ukuthi wagcina esehluleka ukukhokha kusukela ngoFebhuwari 2024.

“Ummangalelwa wephule isivumelwano ngokwehluleka ukwenza izinkokhelo ezifanele nangesikhathi esifanele,” kusho i-EMHL emaphepheni asenkantolo.

Ngesikhathi kukhishwa amasamanisi ngoMashi 2024, uKhama Billiat kubikwa ukuthi ubekweleta imali engaphezu kuka-R100 000. 

Kanti sesisonke isamba semali esisasele kulesi sikweletu sakhe sisadlula ku-R1 million.

Naphezu kokwelulekwa ukuthi akhokhe lesi sikweletu, i-EMHL ithi akukho nkokhelo eyenziwe. 

Lesi sivumelwano sabe sesihoxiswa, kanti le nkampani manje seyifuna sikhokhwe sonke isikweletu — okubikwa ukuthi sesikhuphuke saba ngaphezu kuka-R1.4 million.

UKhama Billiat uke wadlala kwiMamelodi Sundowns ne-Ajax Cape Town esikhathi sakhe kuleli. 

Njengamanje usekwelakubo eZimbabwe la edlala khona kwiScottland ayijoyine kule sizini. 

Kuthiwa unezindawo eziningi eSummerset Village, zonke ezisengcupheni yokudliwa uma engakwazi ukukhokha le mali ayikweletayo.