
ISundowns isiphinde yaqinisa iqembu: isayine uMaku
IMamelodi Sundowns isiqinisekise ukusayinisa umdlali wasesiswini osemncane, u-Lazola Maku, njengoba iqhubeka nokuqinisa iqembu.
Lezi zinkunzi zaseTshwane zikuqinisekisile ngoLwesibili ekuseni ukuthi sezithole lo mdlali oneminyaka engu-19, obekunesikhathi kunokukuqagela ngaye.
UMaku ubedlala kwiSiwelele FC ngesizini edlule, kodwa wahlukana naleli qembu ngesikhathi kuphela inkontileka yakhe.
Ngaphambi kokusayina kwiSundowns, lo mdlali uke waya kovivinywa emaqenjini amaningana ase-Austria, nokukhombisa ukuthi ikhono lakhe selihehe nawaphesheya kwezilwandle.
Nokho, u-Lazola Maku ubhekene nomsebenzi onzima wokuzitholela indawo eqenjini likaMiguel Cardoso kwiMamelodi Sundowns.
ISundowns isivele inqobe iMTN8 neFIFA African-Asian Pacific Cup kule sizini, okusho ukuthi lo mdlali osemncane kuzomele azikhandle ukuze athole ithuba lokudlala.
UMaku ungomunye wabadlali abasebancane asebevele benze kahle ebholeni laseNingizimu Afrika.
Ubengukaputeni waMajita emqhudelwaneni weCosafa Cup osanda kubanjelwa eMozambique, lapho iqembu likaRaymond Mdaka lithathe khona isicoco.
Ubephinde abe yingxenye yeqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kwengu-20 elinqobe i-Africa Cup of Nations ngo-2025 e-Egypt.
Lo mdlali ukhulele enkulisa ye-Ubuntu Academy ngaphambi kokudlulela kwiSuperSport United.
Manje usezobhekana nesivivinyo esikhulu kunazo zonke emsebenzini wakhe, njengoba ejoyina elinye lamaqembu anabadlali abasezingeni eliphezulu kuleli.
- FUNDA NALA | UGoss ubalula okukhube iDowns e-Angola
IMamelodi Sundowns imemezele ukufika kuka-Lazola Maku ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili ekuseni.
“IMamelodi Sundowns iyakuthokozela ukumemezela ukusayiniswa kukaLazola Maku!
“MaYellow Nation, asimamukeleni ngendlela efanele lo mdlali osemncane,” kubhala leli qembu.
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
