
UDe Reuck uveza izinsolo zokubi okumehlele kwiDowns
URushine De Reuck, odlale kwiMamelodi iminyaka emihlanu, useveze izinsolo zokuthi inhlalo yakhe beyingeyinhle kuleli qembu – ikakhulukazi ngasekupheleni kwesikhathi sakhe.
Efika kwiSundowns esuka kwiMaritzburg United, uDe Reuck wafika waba ngumdlali obalulekile ngaphansi kukaPitso Mosimane.
Ugcine engena naseqenjini lesizwe futhi bekubukeka engomunye wabadlali uHugo Broos akhela phezu kwabo iqembu lakhe.
Nokho ugcine engasadlali, waze wacela ukubolekiswa ngesizini edlule kanti ekupheleni kwenkontileka yakhe uvele wayoqala impilo entsha eTanzania kwiSimba SC.
“Kube yisikhathi esihle kimi ekuqaleni kwiSundowns futhi ngafunda lukhulu,” kusho lo mdlali kwiFARPost.
“Ngesikhathi ngisanda kujoyina, ngadlala imidlalo eminingi – imidlalo ebalulekile – futhi ngibe ngumdlali obalulekile eqenjini iminyaka emibili nengxenye.”
Nokho ngesikhathi kusenjalo, wavele walimala, kwaba wukujika kwezinto unomphela ke kuye kuleli qembu lasePitori.
“Ngalimala, futhi lokho kwawuphazamisa kakhulu umgqigqo wami,” kuqhuba uDe Reuck oneminyaka engu-29.
“Ekubuyeni kwami, abadlali abebedlala ngaleso sikhathi bebenza kahle kakhulu. Ngakho kwaba nzima ukubuyela eqenjini eliqala imidlalo.
“Kodwa zikhona nezinye izinto eziningi ezenzekile. Izinto engingathandi ukukhuluma ngazo esidlangalaleni nengamanje.
“Futhi mina ngokwami sengizidlulisile – sezisele emuva. Sengiqale isahluko esisha manje futhi sengigxile ekukhombiseni izinga lami lapha engikhona.”
UDe Reuck uphinde wachaza ukujoyina kwakhe iSimba – eyiqembu elikhulu eTanzania nasebholeni lase-Afrika – njengethuba elikhulu okumele angadlali ngalo.
FUNDA NALA | U-Ouaddou usonga ukuvuka ngeSundowns
Kwisimba uzophinde asebenze nomqeqeshi amazi kahle, uFadlu Davids ababenaye kwiMaritzburg United phambilini.
“Kuwumuzwa okhethekile. ISimba yiqembu elikhulu kakhulu. Lokho ukuzwa kahle uma usungaphakathi eqenjini.
“Ngijabule kakhulu ukuba lapha, futhi ngizizwa ngihlonipheke kakhulu. Ngiyazi nokuthi mkhulu umsebenzi osemahlombe ami.”
