Ezintsha

Owe-Orbit College uzoqeqesha, ebe esebenza nasengxenye

Lo mqeqeshi weqembu elizinze eRustenburg uzoqhubeka nokusebenza njengomphathi wophiko lwe-IT kuleli kolishi le-TVET.

Uzosheba lo msebenzi wakhe wansukuzonke nokuqeqesha – kanti uzoba ngowokuqala ukwenza kanjalo kusukela kwasungulwa iPSL. 

UMakhoye ugile izimanga efaka i-Orbit College kwiBetway Premiership ngenyanga edlule ekubeni ebe esebenza ngokugcwele njengochwepheshe we-IT.

Uthi ukholwa ukuthi “ithimba lakhe elimlekelela ukuqeqesha elinolwazi” lizokwazi ukuqhuba umsebenzi wokucija iqembu uma yena esenza lo msebenzi wakhe omunye. 

“Ngingumholi mina, futhi eqenjini izinto azinciki kumuntu oyedwa. Siyasebenzisana,” kusho yena kwiSowetan

Wengeze ngokuthi bazoliqinisa ithimba labaqeqeshi ukuqinisekisa ukuthi linabantu abenele ukuqhubeka kahle nomsebenzi.

Useneminyaka engu-15 eqeqesha i-Orbit College, ayisuse emazingeni esigaba zeSafa waze wayifaka kwiMotsepe Foundation Championship ngo-2023.

Ube eseyiphushela kwiPremiership kumasizini amabili nje kuphela ukusuka lapho. UMakhoye uphinde afundise kulo leli kolishi. 

Ungumphathi wophiko lwe-IT kusukela ngo-2012, kanti waqala esebenza njengochwepheshe kulo mkhakha ngo-2007.

Yiwo lo nyaka aqala ngawo ukuqeqesha iqembu le kolishi ngaphambi kokuthi lize lijikwe lenziwe iqembu elikhokhelayo. 

“Ibhola yinto esegazini kimi, ngibe ngaba ngumlandeli omkhulu kusukela ngimncane… 

“Ubaba wayengumdlali nomqeqeshi kanyekanye, ngakho-ke mhlawumbe ngizolandela ezinyathelweni zakhe nami,” kuqhuba yena.

I-Orbit College izoqala umkhankaso wayo weBetway Premiership ngokugadulisana naMaZulu eMoses Mabhada Stadium ngo-Agasti 9. 

Indlela kaMakhoye eyingqayizivele igqamisa umholi ozinikele futhi onombono ocacile wemisebenzi yakhe yobungcweti nezemidlalo.

Nokho kuzothatha amehlo ukuthi uzoyenza kanjani le misebenzi emibili kanyekanye ikakhulukazi njengoba imidlalo yeligi kulindeleke ukuthi idlale ngempelasonto naphakathi nesonto ngesizini ezayo. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO