
Ucwaningo lubeka iPirates ngaphezulu kweChiefs
I-Orlando Pirates isidlule iKaizer Chiefs njengeqembu lebhola elihamba phambili kuleli.
Nokho amaBhokobhoko akleliswe njengeqembu eliphambili wezemidlalo jikelele eNingizimu Afrika.
Angaphezulu kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, ngokocwaningo olwenziwe yiBrand Finance Africa.
Labo mpetha bomhlaba amahlandla amabili abaholwa uSiya Kolisi bathole amaphuzu angu-91.6 kulolu cwaningo.
Lolu cwaningo belugxile ebholeni lombhoxo, ibhola lezinyawo nekhilikithi.
- SILANDELE KU-FACEBOOK | Cofa la, Lisenethini.co.za
IPirates ilandele nagamaphuzu angu-83.2, kwathi iChiefs yakleliswa endaweni yesithathu ngangu-82.6.
Ngesikhathi kwethulwa loucwaningo lwakamuva lokukleliswa kwemikhiqizo eGoli, isikhulu se-Brand Finance Africa u-Oliver Schmitz uveze ukuthi i-SA Rugby ingene ohlwini lwezinkampani ezingu-100 eziphambili kuleli.
Kuthiwa isisindo sale nkampani eyengamele ibhola lombhoxo kuleli silinganiselwa emalini engu-R2.2 billion.
Ubalule ukuthi yize enza kahle, amaBhokobhoko asangenisa u-60% wemali eyenziwa yizimbangi zayo i-All Blacks.
Ibhola lezinyawo yilo elibusa amaligi ezemidlalo aqine kakhulu eNingizimu Afrika.
IMTN8 iqhwakele ohlwini ngamaphuzu angu-89.2, ilandelwa yiNedbank Cup (87.7) neBetway Premiership (86.6).
Oxhasweni lwezemidlalo, iNedbank (ibhola) ibe nabalandeli abaningi kakhulu ngo-20%, ilandelwa yi-Investec (igalofu, 17%) neVodacom (ibhola lombhoxo, 7%).
I-MTN iqokwe njengenkampani ehamba phambili ngo-R50.7 billion, ihola iVodacom (R43.9 billion) neStandard Bank (R37.8 billion).
Lolu kuwucwaningo olurekhodiwe lwenkampani ehlonishwayo emhlabeni jikelele.
Kodwa akungabazeki ukuthi luzosusa ukuphikisana kubalandeli bebhola kuleli.
Bekulokhu kunombango ngokuthi ngubani omkhulu kunabo bonke phakathi kwe-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.
Okuthatha amehlo nokho wukuthi iMamelodi Sundowns, osekuphele iminyaka engu-10 ibusa ebholeni lakuleli, ayikho ohlwini.
- ZITHOLE ZISHISA | Cofa la, ujoyine iWhatsApp Group yethu
