DStv Diski ChallengeEzintsha

UComitis ucacisa ‘eyawamaqonqela’ afuna uMayo

Yize kunesasasa elikhulu ngoMayo, uComitis uthi okubekwa etafuleni okwamanje akukafinyeleli kulokhu iqemnu elikufunayo ngalo mgadli. 

UMayo uthathwa njengomunye wabadlali abahamba phambili kwiDStv Premiership, nakuba engazange abe nesizini enhle kule okusukwa kuyo. 

Abanye baphakamisa ukuthi lokhu kungenxa yokuthi usejwayele kakhulu kwiCity, kanti kungamsiza ukuyothola inselelo entsha ukuze avuselele ibhola lakhe.

Intshisekelo ngoMayo isalokhu iqinile emakilabhini akuleli, akholelwa ukuthi angafike abe wusizo olukhulu kuwo. 

Ekhuluma nomsakazi weRadio 2000, uThabiso Mosia ngoLwesine, uComitis unqabile ukuqaqula amagama amaqembu anentshisekelo kodwa uvumile ukuthi alokhu embuza ngalo mdlali. 

“Iningi intshisekelo ngoMayo. Abantu bafona njalo ezinsukwini ezintathu,” kusho uComitis. 

“Kodwa izibalo kumele zibe ngezifanele. Asikwazi futhi ukudayisa izicathulo zethu ezindala sibe singakabi nazo izicathulo ezintsha. 

“Akukho okubambekayo okwamanje. Usezinhlelweni zethu zesizini ezayo.”

Ngonyaka odlule, kuke kwabikwa ukuthi uMayo ucele inkontileka ende neCape Town City, ekhombisa ukuthi uyamanqika ngokufudukela kwelinye iqembu kuleli. 

UComitis uyaweseka umbono wokuthi uMayo ayodlala phesheya, futhi ukholelwa ekutheni kungaba nenzuzo enkulu kuye. 

“Kufanele futhi ucabangele umsebenzi wakhe. Usesesikhathini lapho umsebenzi wakhe sewukuvuthondaba, futhi kufanele uzame ukumfaka eqenjini lase-Europe. 

“Ngisho noma kungaba yiqembu elincane elinemali encane… 

“Kuzosebenza futhi kube ngcono kuwo wonke umuntu,” kusho uComitis.

UMayo esengumdlali obalulekile ezinhlelweni zeCape Town City zesizini ezayo.

Kodwa le kilabhu ivuleleke esicelweni esifanele esihambisana nemali eyifunayo nokufezwa kwezifiso zikaMayo. 

Zombili izinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, iMamelodi Sundowns naMaZulu sekuke kwavela ukuthi bayamfisa lo mgadli.