
UCijimpi uvuke ngespani ‘esingcono’ eSaudi Arabia
- Intatheli yeLISENETHINI
Obengumqeqeshi waMaZulu FC, uPablo Franco Martin useqokwe njengomqeqeshi weqembu laseSaudi i-Al Faisaly.
Lo msebenzi omusha walo mqeqeshi waseSpain uza ngemuva kokuhlukana naMaZulu kulandela ukuqala kabi isizini ka-2024/25.
UMartin uhole Usuthu luhlulwa emidlalweni emine yeBetway Premiership kulandelana ngaphambi kokuthi akhonjwe indlela.
Efika, ekuqaleni kwesizini edlule, waqanjwa ngokuthi “uCijimpi” ngabaphathi baMaZulu, kanti uMartin ubehlonishwa kakhulu lapho efika.
Ubenikwe umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi umbono weqembu, Vision 2032, uba yimpumelelo.
Nokho ukuntuleka kwenqubekela phambili, ikakhulukazi ekuthuthukisweni kwabadlali abasebancane, kuholele ekukhathazekeni kwabaphathi.
Kodwa naphezu kokudonsa kwakhe kanzima eNingizimu Afrika, uMartin usevuke ngethuba elihle eMiddle East.
Ethimbeni azosebenza nalo kwi-Al Faisaly kukhona u-Aitor van den Brule, obeyiphini lakhe kuMaZulu.
Laba bobabili bazoqhubeka nobudlelwano babo eSaudi Arabia.
UMartin, oneminyaka engu-44 ubudala, usesebenze emaqenjini amaningi okuhlanganisa ukucija iSimba SC, i-Al-Qadsia, neGetafe.
Nokho umsebenzi wakhe ogqame kakhulu ngawenze ngesikhathi eyiphini lomqeqeshi kwiReal Madrid.
Manje, uMartin uqala isahluko esisha eSaudi Arabia, kanti uhlose ukwenza umthelela kwi-Al Faisaly.
