
ICity iwafake ‘kwi-voicemail’ afuna izihlabani zayo
- Intetheli yeLisenethini
IPolokwane City isidalule izizathu zesinqumo sayo sokugcina abadlali bayo, asebehehe amehlo amanye amaqembu kuleli nakwamanye amazwe.
Leli qembu elizinze eLimpopo livele lawaziba sengathi aliwezwa amaqembu avele kulo ezozama ukudayiselwa izihlabani zalo ezimbili, o-Oswin Appolis noThabang Matuludi.
UMatuludi kubikwa ukuthi uqhwakele ohlwini lwabafunwa yi-Orlando Pirates, iKaizer Chiefs neStellenbosch FC.
Isizini yakhe encomekayo ikhombise amakhono akhe njengomdlali wasemuva wesimanje kwesokudla.
Usebenze kahle kakhulu ekuvaleni emuva kanti ubesifaka isandla emizamweni yokuhlasela yeqembu.
Lokhu kumenze waba ngomunye wabadlali abasemgangathweni kwiPSL futhi waphenduka inyama kwamanye amaqembu.
U-Oswin Appolis, ngakolunye uhlangothi, uzakhela igama eqenjini lesizwe iBafana Bafana, futhi usehehe amehlo amakilabhu amakhulu.
I-Esperance yaseTunisia, esanda kusayinisa umdlali wasesiswini weBafana u-Elias Mokwana, ifake isicelo esisemthethweni sokufuna lo mdlali ohlaselayo kwiCity.
IKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns kukholakala ukuthi nabo bake bavela beyozwa ukuthi ngeke yini badayiselwa lo mdlali.
Umqeqeshi weCity, uPhuti Mohafe, ukubeke kwacaca ukuthi iqembu lizimisele ngokubambelela kulaba bobabili.
Ekhuluma ne-iDiski Times, uMohafe ugcizelele umgomo wabo wokuba yiqembu elingcono kakhulu ngesizini ezayo futhi elilwela izindebe.
“Sibagcinile bonke abadlali abebekhona ngesizini edlule, asibakhululanga, uMatuludi no-Oswin basekhona,” kusho uMohafe.
“Izicelo… ngizwile ukuthi bezikhona, kodwa sizichithile ngoba sifuna ukuthuthuka kulokhu esikuzuze ngesizini edlule.
“Sifuna ukwenza ngcono njengeqembu futhi sifuna ukukhula njengeqembu.”
ICity iqede endaweni yesishiyagalombili kwiBetway Premiership ngesizini edlule, okuyindawo enhle kakhulu uma ubheka ukuthi bekuyisizini yesibili ikule ligi.
OLUNYE UDABA: BUKA: Amehlo kwiChiefs kubonakala isihlabani eNaturena
Umkhankaso wePolokwane City uqala ngomdlalo onzima weMTN8 la izoshovana khona neMamelodi Sundowns ngempelasonto ezayo.
