
UCedric Kaze ungene ezintangeni ebuzwa ngekusasa kwiChiefs
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uCedric Kaze usekhulume ngokuqagela ngekusasa lakhe kuleli qembu.
Amakhosi abuyele emgqigqweni esigabeni esibalulekile sesizini yeBetway Premiership, njengoba esenqobe imidlalo emine kulandelana.
Lokhu kungemuva kokungahambi kahle kwezinto ngesikhathi ehlulwa imidlalo emine kulandelana ekuqaleni kwalonyaka.
Ushintsho selukhuphulele lezi ziqhwaga zaseSoweto endaweni yesithathu ngamaphuzu angu-42 emidlalweni engu-22.
Ngemuva kokunqoba kwabo ngo 2-0 kwiTS Galaxy, uCedric Kaze ubuzwe ukuthi ingabe angathanda yini ukuhlala kwiKaizer Chiefs ngale kwale sizini.
Lo somaqhinga waseBurundi, nokho, uvele wangena ezintangeni, wangaphumela obala ngokuthi uyawufisa yini lo msebenzi noma cha.
“Ngicabanga ukuthi silapha ukuzosebenzela ikilabhu,” kusho uKaze.
Uvumile ukuthi ukungawubambi umgqigqo isikhathi eside kube ngenye yezinselelo ezinkulu ngesikhathi sabo.
Uthi empeleni le nselelo iqale ngaphambi kwesikhathi sakhe noKhalil Ben Youssef njengoba beyikhona nangesikaNasreddine Nabi.
“Besinqoba umdlalo owodwa noma emibili, kodwa sehluleke ukubamba umgqigqo sinqobe emithathu noma emine,” kuchaza yena.
UCedric Kaze wengeze ngokuthi ithimba labaqeqeshi kwiKaizer Chiefs lihlezi likugcizelela kubadlali ukubaluleka kokuhlezi belangazelele ukunqoba.
“Awukwazi ukudembesela noma uzizwe sengathi sewuqedile. Kudingeka sithuthuke nsuku zonke ejimini,” kwengeza lo mqeqeshi.
Njengoba iKaizer Chiefs isalelwe imidlalo eyisishiyagalombili, uCedric Kaze ukubeke kwacaca ukuthi abakubhekile manje wukuqeda phezulu.
“Njengabaqeqeshi, siyazi ukuthi sifuna ukwenzani. Sizokwenza konke okusemandleni ethu emidlalweni esele.”
IChiefs njengamanje kubhekwe iqede endaweni yesithathu noma ngaphezulu, kodwa ikusasa likaKaze nozakwabo aliqinisekisiwe.
