EzintshaKaizer Chiefs

‘Zotaya wena,’ kusho iPSL ikhuza iChiefs ngolwabalandeli

Iphinde yashaywa ngoswazi oluncane iKaizer Chiefs kulandela ukutholwa inecala lokungaziphathi kwahle kwabalandeli. 

Abalandeli beChiefs bahluthukelwa yizinhliziyo, bajikijela izinto enkundleni belwisana nonompempe emdlalweni wakamuva waleli qembu. 

Lesi sigameko senzeke ngesikhathi iChiefs ibhekene neMamelodi Sundowns eFNB Stadium ngoSepthemba 28. 

Bese kungokwesithathu amasizini elandelana iChiefs ibekwa icala elifanayo. Kwenzeka lesi sigameko nje iChiefs ibisavele inesigwebo ngecala elifanayo. 

Yayilengiseliwe esinye sesigwebo kulandela ukuvuma icala elifanayo nangesizini edlule. 

“Ngingakuqinisekisa ukuthi namuhla ekuseni ikilabhu yebhola, iKaizer Chiefs ivele phambi kwekomidi lePSL eliqondisa ubugwegwe.

“Beyizophendula ngecala lokungaziphathi kahle kwabalandeli,” kusho umshushisi wePSL, uZola Majavu. 

“Lokhu bekulandela isigameko sokujikijelwa kwezibi enkundleni ngoSepthemba 28 ngesikhathi bebhekene neMamelodi Sundowns. 

“Balivumile icala, futhi babe sebehlawuliswa u-R100 000, kanti u-R50 000 waleyo mali ulengisiwe ngombandela wokuthi bengatholakali benecala elifanayo kule sizini. “

UMajavu ukuvezile ukuthi ngenxa yesigwebo ebesisalengisiwe, iChiefs izogcina ikhokhe u-R150 000 kulokhu. 

Le mali ihlanganisa no-R150 000 obulengiswe ngesizini edlule. Ngaphezu kwale mali, izophinde ikhokhele nezindleko zokulalelwa kwaleli cala.