
Isikhulu seLupopo siphendula ngezinsolo ze-Orlando Pirates
Njengoba i-Orlando Pirates kubikwa ukuthi ifake izikhalo ezintathu kwiCaf ngeSt Eloi Lupopo, le kilabhu yyaseDR Congo ayithukile futhi ithi ayiphulanga mithetho yona.
Inesiqiniseko sokuqhubeka nokudlala wiCaf Champions League naphezu kwalezi zinsolo ebhekene nazo ezingase ziholele ekuxoshweni kwayo kulo mqhudelwano.
I-Orlando Pirates ifake izikhalo ngomqeqeshi uGuy Bukasa nabadlali bayo ababili, uHenoc Molia noRamos Kashala Wanet, ethi bebengafanele ukuba kuleli qembu.
ILupopo ikhiphe iPirates kwiChampions League ngesonto eledlule ngemuva kokunqoba ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi, kulandela ukubambana ngo 3-3 sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze emibili.
IPirates ihlulwe ngo 3-0 yileli qembu laseDR Congo emlenzeni wokuqala eLubumbashi emasontweni amabili edlule.
Kodwa ibuye kuleli yanqoba ngomphumela ofanayo e-Orlando Stadium – yabe seyihlulwa kumaphenathi.
Manje kulandela ukuphuma kwawo, amaBhakabhaka kubikwa ukuthi afake izikhalo ezintathu ngoBukasa, uMolia noKashala Wanet.
Ngokwemibiko, i-Orlando Pirates isola ukuthi uBukasa bekungavumelekile ukuthi ahlale ebhentshini ngenxa yokumiswa akuthola ngesikhathi ephethe iqembu lika-Under 20 laseDR Congo.
AmaBhakabhaka aphinde athi iLupopo ibhalise uMolia ngemuva kokuvalwa kwewindi, ngaleyo ndlela ephula imithetho yeCaf yokubhaliswa kwabadlali.
Iphinde yafaka imibuzo ngokufaneleka kukaKashala, ithi lo mdlali unamaphasipothi amabili ahlukene okwenza kungacaci ubhaliswe ngokuthi ungowakuphi.
Nokho unobhala-jikelele weLupopo uDon Jean-Luc Kapend, uzichithile lezi zinsolo – futhi usamile ekutheni ngeke bakhishwe kulo mqhudelwano.
Ugcizelela ukuthi iqembu lakhe lizodlala esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League – kumnyama kubomvu.
“I-Article 29.6 yemithetho yokuncintisana yeCaf ka-2025 icacile,” sicashunwe sisho kanje lesi sikhulu kwisizindalwazi sebhola laseCongo, iFoot DRC.
“Ukumiswa ngaphezu komdlalo owodwa kusebenza kuphela esigabeni umuntu enze kuso icala, kulokhu kusho ukuthi esigabeni siika-Under 20.”
Odabeni lwalaba badlali ababili, uKapend uthe nalapho abanacala – kodwa waphawula ngoKhashala kuphela.
“Namuhla, yonke into yenziwa ngekhompyutha. Uhlelo lomzuliswano wesibili belusukela ngoSepthemba 1 kuya ku-30.
“UKashala wabhaliswa ohlelweni lwe-CMS ngoSepthemba 29. Kulesi sigaba, asenzanga phutha.
FUNDA NALA | UTso uhlonza umehluko owenziwa u-Ighodaro kwiChiefs
“I-FC Lupopo izodlala esigabeni samaqoqo,” kwengeza uKapend. Isinqumo ngalamacala silindeleke kule mpelasonto.
Kumele kuthi kuqhathwa amaqembu azodlala esigabeni samaqoqo ngoMsombuluko lolu daba lube seluphothuliwe ukuze kungabambezeleki imidlalo.
