
UCardoso ujabule ngokushay iStellies ‘enenkani’
- Sibongiseni GUMBI
Umqeqeshi omusha weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, uthole iwini yesibili kulandelana ebhekene neqembu elinenkani iStellenbosch FC ngoLwesithathu ebusuku.
ISundowns ikwazile ukuphuma eCape Town Stadium namaphuzu aphelele emdlalweni weBetway Premiership obuyinselelo enkulu.
“Ngicabanga ukuthi kubalulekile ukuthi kube nzima kangakanani ukudlala lapha neqembu elinonkani, ngendlela elidlala ngayo,” kusho uCardoso ngemuva komdlalo.
“Bahlale befuna ukudlala amabhola amade, futhi abafuni ukwakha besuka emuva, kunzima kakhulu ukubacindezela.
“Ngicabanga ukuthi sibaphathile emizuzwini yokuqala engu-30 yomdlalo, bekunzima kodwa ukubacindezela.
“Kodwa kusobala ukuthi kunzima kakhulu ukugcina lokho kuqina futhi sehlulekile kancane emizuzwini engu-15 yokugcina yesiwombe sokuqala.”
ISundowns izihole phambili kusenesikhathi ngegoli lika-Iqraam Rayners futhi yabambelela kulo kwaze kwayilungela.
Iwatholile amanye amathuba okuqinisa ukuhamba phambili kwayo, ngokufanayo neStellenbosch kodwa bekuwumdlalo onzima kuwo womabili la maqembu.
Ukunqoba kuqinisekisa ukuthi iSundowns igcina indawo yayo esicongweni selogi yePremiership ngamaphuzu angu-24 ngemuva kwemidlalo eyisishiyagalolunye.
Kodwa iPirates ibahlezi ezithendeni ngamaphuzu angu-21, futhi inomdlalo ewugodle ekhwapheni.
IPirates izoze iphinde idlale kwiligi ngoDisemba 24 lapho izobe ibhekene neMarumo Gallants enqabeni yayo i-Orlando Stadium.
ISundowns izodlala naMaZulu FC ekuhambeni ngalo lolo suku, futhi izothemba ukuthi izoqhubeka nomgqigqo wayo wokunqoba.
