
Obolekiswe yiChiefs wephule uDa Gama esesha nesobho
Kube wumzuzu womlingo ngesikhathi umdlalo womdlali obolekiswe yiKaizer Chiefs eqenjini laseBotswana, uXolani Cossa eluphula ezike selisha nesobho.
IBlack Lions, ecijwa ngobengumqeqeshi weMagesi FC ngesizini edlule, u-Owen da Gama, ibisengozini yokwehlulwa okwesine kulandelana kule sizini.
Isisindo sesiqalo esingesihle bese siqala ukuzwela, kodwa kwabe sekuvela iqhawe ebelingalindelekile: uXolani Cossa, obolekiswe yiKaizer Chiefs kwezikaDa Gama.
Lo mdlali wasemuva oneminyaka engu-21 ubudala odlala ngonyawo lwesokunxele, ubedinga umdlalo owodwa ukukhombisa ukubaluleka kwakhe.
Ngokubonisa ikhono elimangalisayo, uCossa ushaye ibhola ebelibekwe phansi (free kick) ekude nepali, wadedela imbumbulu yeshodi, lakha enethini.
Leli goli elilodwa lisize iBlack Lions inqobe ngo 1-0, ihlula iMabele FC, ecijwa ngowayengumdlali wasesiswini weKaizer Chiefs manje osengumqeqeshi uReneilwe Letsholonyane.
Igoli lakhe likaCossa libe ngelanele ukusiza iBlack Lions ithole iwini yayo yokuqala kule sizini nokuveza ukuthi kungani uDa Gama emlande eNingizimu Afrika.
Leli goli likaCossa alibanga nje ucilo othuke ezishayisa endukwini. Phela lo mdlali ubelokhu enza izimanga ezigabeni zentsha kuleli ngaphambi kokuthuthela eBotswana.
Ubengumdlali obalulekile eqenjini lleChiefs elidlala kwiDStv Diski Challenge ngesizini edlule, ayisize ukuthi inqobe isicoco sayo sokuqala ngqa kulesi sigaba.
Ikhono lakhe lihlonishwe ngabaphathi beKaizer Chiefs, abamklomelise ngenkontileka yeqembu elikhulu ngaphambi kokuthi abolekiswe.
Lesi sihlabani esincane sinomlando wokuzibonakalisa njengoba siqokwe njengomdlali ovelele kwabaneminyaka engaphansi kuka19 ngo-2022.
FUNDA NALA | Isiqala ukukhathaza eyokulimala kukaZwane
Uphinde wavotelwa waba yPlayers’ Player of the Season ekupheleni komkhankaso we-DDC wesizini ka-2023/24.
Manje, njengoba esebe nesiqalo esihle kwiBlack Lions, uCossa kodwa useveze ukuthi ungumdlali okufanele abhekwe kule sizini eBotswana.
Ufike nomoya omusha eqenjini ebelikudinga kakhulu ukunqoba, futhi wonke amehlo azobe ebheke kuyena njengoba kuqhubeka iligi yeFNB Premiership eBotswana.
