
UNabi ufuna ukuncishiselwa iqembu kwiKaizer Chiefs
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, useveze ukuthi iqembu kumele lidayise noma libolekise ngabanye abadlali.
Lokhu ufisa kwenzeke ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoMsombuluko ozayo, kaSepthemba 22.
Amakhosi asayinise inqwaba yabadlali ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kanti okwamanje aneqembu labadlali abacela ku-40.
“Kuyiqiniso ukuthi iqembu likhulu. Abasebenzi bethimba labaqeqeshi nabaphathi basebenza ngezidlela zokudedela abanye abadlali eqenjini,” kusho uNabi ngoMsombuluko.
“Sifuna ukunikeza amathuba ikakhulukazi kwabanye abadlali abangazange babe nesikhathi esanele sokudlala.
“Nakubadlali abancane ukuze bathole amava adingekayo kwiPSL. Wonke umuntu uyakwazi lokho futhi sisebenza ubusuku nemini ngakho.”
Umgadli uTashreeq Morris, unozinti uFiacre Ntwari, owasemuva kwesokunxele uHappy Mashiane nomdlali wasesiswini uSamkelo Zwane ngabanye babadlali abangase badedelwe.
Akukacaci ke nokho ukuthi bazokhululwa unomphela noma kuzobolekiswa ngabo – kodwa kubukeka emaningi amathuba okubolekisa ngabo.
IKaizer Chiefs izodlala neSekhukhune United ngoLwesibili kusihlwa emdlalweni weBetway Premiership.
Noma ngubani ozonqoba lo mdlalo oseFNB Stadium uzobe ebheke ukusiza Amakhosi agxube eqe iMamelodi Sundowns ephezulu kwilogi njengamanje.
Umdlali omusha, uKhanyisa Mayo ngeke adlale kulo mdlalo njengoba uNabi eveze ukuthi usalinde ikhadi lokubhaliswa kwakhe kwiPSL.
U-Etiosa Ighodaro noLebohang Maboe abangabanye babadlali abasha abasayinwe yiKaizer Chiefs bona balimele futhi babe khona kulo mdlalo.
“Ngokusobala ukuthi kukhona abadlali abasayiniwe, kodwa ngaphansi kwezimo ezihlukene,” kwengeza uNabi.
“Abanye beza kithi ngaphandle kokuba nesikhathi sokulungiselela isizini lapho bebekhona, noma mhlawumbe babengenawo amaqembu abebedlala kuwo.
FUNDA NALA | UCardoso ucacisa isimo sikaMudau kwiDowns
“Abanye babe naso leso sikhathi kodwa balimala njengo-Ighodaro nje. Yingakho sidinga ukucophelela kakhulu ekubahlanganiseni neqembu.
“Asizange sibalande ngokujaha ukubadlalisa ngaso leso sikhathi. Silande abadlali abaningi, sakhuphula nenqwaba yabadlali abasebancane ngoba sifuna ukuhlelela ikusasa leqembu.
“Abanye sebekulungele ukudlala kanti abanye abakulungele. UMaboe wahlinzwa emasontweni ambalwa edlule,” kwengeza lo mqeqeshi odabuka eTunisia.
