
Ezintsha ngoKhuliso Mudau kwiDowns – ithemba nokudideka
Ukucweba kwesiziba ngendaba kaKhuliso Mudau bese kuqala ukulahlisa abalandeli ithemba, ikakhulukazi kulandela igoda abaligilwe nguLucas Ribeiro obesesimweni esifanayo.
Nokho manje, iqiniso ngekusasa likaKhuliso “Sailor” Mudau kwiMamelodi Sundowns seliqala ukuvela futhi kubukeka kuzobajabulisa abalandeli okuzokwenzeka.
Lo mdlali wasemuva, ongekho eqenjini kusukela kuqale isizini, kubikwa ukuthi ubhekene “nezinkinga ezimbalwa” asazama ukuzixazulula nabaphathi bekilabhu.
Kodwa ngokusho komqeqeshi oyinhloko uMiguel Cardoso, isiphepho sesiyadlula, futhi ukubuya kwakhe sekuseduze.
UKhuliso Mudau, oke waqala waduba ukuzibandakanya neqembu ngisho ejimini, “uziqeqesha kahle,” ngokusho kwalo mqeqeshi odabuka ePortugal.
“Sinesiqiniseko sokuthi maduze nje uzokwazi ukusisiza,” kusho umqeqeshi, eveza ukuthi ikilabhu isebenza ngokuzimisela ukuxazulula ukungaboni ngaso linye.
“Uzimisele ukusiza futhi abantu abaphethe ikilabhu bazowenza ngendlela efanele umsebenzi ababhekene nawo ngalento…
“Ngokuzibophezela okufanele nangenhloso efanele yokubuyisela uMudau emsebenzini weqembu.”
Ukungacaci kahle okuzungeze udaba lukaMudau kubhebhethekise ukuqagela ngokuthi kwenzakalani.
Amahlebezi athi ulwela ukunikwa inkontileka engcono kulandela ukuthi iqembu linqabile ukumdayisa kade efunwa enhla ne-Afrika.
Kodwa amazwi kaCardoso aveza ukuthi isinqumo noma isixazululo ngalolu daba sesiseduze.
“Bekunezinkinga ezimbalwa futhi iningi lazo sezixazululiwe,” kwengeza uCardoso ngemuva komdlalo wangempelasonto.
Lolu wuphawu oluthembisayo kubalandeli abakulindele ngabomvu ukubuya kwalo mdlali wabo wasemuva abamthandayo.
Ukungabikho kukaKhuliso Mudau kushiye isikhala esikhulu emuva kwiSundowns, kanti ukubuya kwakhe kuzofaka umfutho omkhulu ezifisweni zeqembu.
FUNDA NALA | UDa Gama wephulwe obolekiswe yiChiefs esha nesobho
UKhuliso Mudau ungumdlali obalulekile nakwiBafana Bafana, nokuyingakho umqeqeshi wayoo uHugo Broos naye engenelile.
UBroos uveze ukuthi nguye owanxenxa uMudau ukuthi abuyele ejimini ukuze ahlale ekulungele ukudlala uma izinkinga sezixazululiwe.
Okwamanje kodwa uSailor usalokhu esesimweni esingesihle. Kodwa kungasekude kakhulu ukuthi abuyele enkundleni.
