EzintshaKaizer Chiefs

UBvuma uchaza indlela uNabi ajike ngayo izinto kwiChiefs

Isiqalo esihle seKaizer Chiefs kule sizini sibe ngenxa yokujikwa kwendlela yokucabanga eqenjini, ngokusho kukanozinti uBruce Bvuma. 

Lo nozinti okhulele kwiChiefs uthi selokhu kufike umqeqeshi uNasreddine Nabi nethimba lakhe, izinto zijike kakhulu ekhempini yaMakhosi. 

“Enye yezinto umqeqeshi azijikile yindlela yokucabanga nokuziphatha,” kusho uBvuma.

Ubekhuluma kwabezindaba njengoba belungiselela umdlalo weCufe Cup la bezobhekana khona neMarumo Gallants eFree State Stadium ngeSonto.  

“Ujike indlela esibuka ngayo imidlalo. Ngicabanga ukuthi leyo yinto esijike kakhulu futhi esisizayo kule sizini. 

“Indlela ajike ngayo lokho wukuthi ngisho sidlala imidlalo yokungcwekisana, kuye akukho lokho.

“Ufuna umphumela. Indlela esilungiselela ngayo imidlalo esemthethweni, iyefana nesilungiselela ngayo eyobungani. 

“Ngicabanga ukuthi yilapho ejike khona indlela yokucabanga lapha kwiKaizer Chiefs.” 

Emidlalweni emithathu yeBetway Premiership, iChiefs inqobe emibili, yahlulwa kowodwa.

Indlela edlala ngayo seyenze lwavuka kabusha uthando lwayo nakubalandeli njengoba yonke le midlalo beyidlalwa izindla zigcwele phama. 

Ngemuva kwalo mdlalo wokuzwana amandla neGallants, iChiefs izobe seyibhekisa amehlo ayo koweCarling Knockout Cup.

IChiefs izobhekana neSuperSport United emdlalweni wokuqala kulo mqhudelwano okubhekwe ukuthi ube ngempelasonto ka-18 kuya ku-20 ku-Okthoba.