Kuvuke umunyu kuXoki ebona uSibisi eqeda umdlalo
- Alfred NGUBANE
UTapelo Xoki uthi ufikelwe umunyu ngesikhathi ekhuluma ngozakwabo kwi-Orlando Pirates, uNkosinathi “Bhodlela” Sibisi.
USibisi ubeba neshwa lokulimala njalo uma kudlalwa imidlalo yamanqamu kusukela afika kwiPirates.
UXoki noSibisi bafika kanyekanye kwiPirates kumasizini amathathu edlule besuka kuMaZulu FC neGolden Arrows ngokulandelana.
“Ngimjabulele ngokuthi adlale umdlalo wakhe wokuqala wamanqamu awuqede,” kusho uXoki ekhuluma neLisenethini.
“Bekumphatha kabi ukuthi awuqale umdlalo kodwa angawuqedi ngenxa yokulimala.
“Mina noSibisi siyazana kusukela kudala njengoba besidlalela amaqembu angomakhelwane eThekwini.”
UXoki ubengukaputeni nomdlali omqoka waMaZulu FC ngaphambi kokuthi asayine kwiPirates.
USibisi naye bekungokufanayo ngaye kwiGolden Arrows. Edlala okokuqala kowamanqamu, walimala.
IPirates yayibhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni wamanqamu eMoses Mabhida Stadium, walimala kungakapheli nemizuzu eyishumi.
OLUNYE UDABA: UMaema ujabulele inselelo yamaqembu aseMorocco
Ngemuva kwalapho waphinda walimala ngesikhathi lamaqembu ebheke kowamanqamu weNedbank Cup.