
UBroos uqoke isikwati seBafana, uchaza ekaLorch
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usememezele iqembu lakhe lokugcina labadlali abangu-23 elizobhekana neZambia emdlalweni wobungani.
Lo mdlalo uzoba seNelson Mandela Stadium eGqeberha ngoNovemba 15 kanti uzoqala ngo-6 ebusuku.
IBafana isihabe imidlalo engu-24 ingahlulwa enkundleni, nakuba lelo rekhodi elisemthethweni liphazanyiswe ukuphucwa kwayo umdlalo weLesotho ngenxa yokudlalisa umdlali ongafanele.
Echaza ngeqembu aliqokile, uHugo Broos uthi ufuna ukuhlola abadlali abasha ngaphambi kwe-Africa Cup of Nations ezoba seMorocco ngoDisemba.
Kodwa-ke, kubadlali abasalile nokubuzw engabo nguThembinkosi Lorch, osefomini enhle kakhulu eMorocco.
UBroos akazange aokhu egwegwesa uma ebuzwa ngalo mdlali owazakhela igama kwi-Orlando Pirates.
“ULorch wake waba nathi, cishe eminyakeni emibili edlule ngesikhathi sidlala neMorocco,” kusho uBroos.
“Wayeqhuba kahle kwiPirates ngaleso sikhathi, kodwa kithi akazange enze kahle ngendlela esasiyibhekile.
“Ngemuva kwalokho, waphuma eqenjini lePirates, wabe eseya kwiSundowns ngoba uRulani wayemfuna — kodwa nakhona akazange adlale kakhulu.
“Manje wenza kahle eMorocco, kodwa eminyakeni anayo manje, akalona ikusasa. Ngiyaxolisa, kodwa lelo yiqiniso.”
Lo mqeqeshi waseBelgium ugcizelele ukuthi ugxile ekwakheni iqembu labadlali abasebancane, elizoba ngelesikhathi eside elingaqhudelana emiqhudelwaneni emikhulu ezayo.
Phakathi kwabadlali abasha kuleli qembu kukhona uMasindi Nemtajela we-Orlando Pirates owenza kahle ngaphansi komqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou.
FUNDA NALA | Owe-Arrows akawuvali ngoMngqithi
UKeletso Makgalwa weSekhukhune United naye uklonyeliswe ngokubizelwa kulandela ukwenza kahle kwakhe kuleli qembu laseLimpopo.
Lime kanje selilonke leli qemu leBafana Bafana elizodlala neZambia:
- Onozinti: Ronwen Williams, Ricardo Goss, Sipho Chaine
- Abadlali basemuva: Khuliso Mudau, Thabang Matuludi, Moloisane Moloisane, Nkosinathi Sibisi, Aubrey Modiba, Mthobisi Ndamane, Thabo Kabini, Luyanda Mbokazi
- Abadlali basesiswini: Teboho Mokoena, Siphesihle Nemtajela, Sphephelo Sithole, Bathusi Aubaas, Thalente Mbatha
- Abaphambili: Ibrahim Appollis, Relebohile Nkota, Oswin Appollis Moremi, Evidence Makgopa, Lyle Foster, Sipho Mbule, Keletso Makgalwa
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
