
Ingwazi yePirates iveza engakuzwa kahle ngohalelwa yileli qembu
Owayengumgadli we-Orlando Pirates, uKatlego Mashego, usephawule ngomunye wabadlali abamataniswa naleli qembu lakhe lakudala, uSinoxolo Kwayiba.
UKwayiba ngomunye wabadlali ababalelwa kwabayisikhombisa okulindeleke ukuthi bethulwe yi-Orlando Pirates ngenyanga ezayo uma seyethula izinhlelo zesizini entsha.
Yize uMashego ebona ukuthi uKwayiba akekho ezingeni okufanele abe kulo ukuze ajoyine iPirates, kodwa uthi ungumgadli othembisayo.
Umataniswa nePirates nje kulandela isizini eyimpumelelo kwiChippa United, lapho edlale khona imidlalo engu-26 kuyo yonke imiqhudelwano, washaya amagoli ayisikhombisa.
UMashego, ekhuluma neKickOff, uchaze uKwayiba njengomdlali onomdlandla kodwa osadinga ukuqiniswa ukhakhayi.
“Unekhono elihle futhi usangathuthuka abe ngcono kakakhulu. Kodwa ukuze lokho kwenzeke, udinga ukuba seqenjini elifana ne-Orlando Pirates,” kusho uMashego.
UMahoota, okuyigama eyedume ngalo uMashego esadlala, ukholwa ukuthi ukuthuthela ekilabhini enkulu kungasiza ekuthuthukiseni izinga likaKwayiba.
“Ukudlala nabadlali abasezingeni eliphezulu kwiPirates kuzophakamisa ukusebenza kwakhe.
“Uyakwazi ukungena ezikhaleni, azibeke ethubeni lokushaya amagoli, okuyinto enhle ngaye,” kwengeza yena.
Nokho le nsizwa eyayingumgadli weBafana Bafana iphinde yaphawula ukuthi uKwayiba akakakulungeli ukuba ngumdlali okungathenjelwa kuye.
“Akakabi bukhali ngokwanele okwamanje. Eminyakeni yakhe, kufanele ngabe useyazi ukuthi kumele awehlise kanjani umoya uma ephambi kwepali.
“Akekho ezingeni lapho engaqinisekisa khona amagoli angu-15 emidlalweni engu-30 okwamanje,” kuqhuba uMashego.
UMashego wengeze ngokuthi yize eseyidayimane elisadinga ukupholishwa, uKwayina ungumdlali i-Orlando Pirates engagembula kuye.
“Lokho angenakho kungathuthukiswa. Kodwa njengamanje, akakakulungeli ukungena eqenjiini eliqala imidlalo, abe nomthelela obonakalayo.”
Njengoba kukhula ukuqagela, abalandeli be-Orlando Pirates bazobe bebheke ukubona ukuthi le kilabhu iya msayina ngampela yini lo mdlali.
